AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal asola ukuthi ingcindezi iyona eholele ekutheni uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaSiko namaCiko esifundazweni, uNkk Amanda Bani-Mapena, asule isigubhukane.
UNkk Bani-Mapena wesula kungakapheli ngisho unyaka eqokelwe kulesi sikhundla.
I-ANC KwaZulu-Natal noNkk Bani-Mapena abazange baziveze izizathu zokwesula kwakhe.
I-EFF neDA esiShayamthetho sesifundazwe bathe basola ukuthi uNkk Bani-Mapena usule ngoba ebalekela abantu abebemfakela ingcindezi yokuba enze izinto ezingalungile.
La maqembu athe kulesi sikhashana esincane uNkk Bani-Mapena asihlalile umehluko ubusuqala ukubonakala.
Ohola i-EFF esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthe bafuna izimpendulo ezigcwele ngokushiya kukaNkk Bani-Mapena.
"Yize singangeni ezimpini zangaphakathi kwi-ANC kodwa ungqongqoshe ungowethu sonke. Sifisa ukwazi ukuthi ushiyeleni. Sisola sengathi kukhona abebemfakela ingcindezi yokuba enze izinto ezingalungile."
UThwala uthe bebesalindele lukhulu kuNkk Bani-Mapena.
"Besikujabulela ukuthi umnyango uholwa ngumuntu omusha obezokwazi ukuthuthukisa ezemidlalo. Ubenomdlandla wokuhambela sonke isifundazwe. Into ezokwenzeka manje ukuthi bazosilethela ixhegu elidala elizofike lingenzi lutho."
Okhulumela iDA kwezeMidlalo, ezamaSiko namaCiko esiShayamthetho, uMnuz Bradley Singh, uthe ukushiya kukaNkk Bani-Mapena kuyasolisa, wathi bafuna ukuthola incazelo egcwele.
"Ufike waletha uzinzo emnyangweni. Ushiya ngesikhathi esibi lapho kunabasebenzi bomnyango abaphenyelwa inkohlakalo. Sinokwasabela ukuthi amanqe azothola ithuba lokuzitika ngemali yomphakathi."
Imizamo yokuthola umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.
I-ANC esifundazweni income amagalelo kaNkk Bani-Mapena kulesi sikhathi esincane asihlalile emnyangweni.
UNobhala we-ANC esifundazwe, uMnuz Bheki Mtolo, uthe uNkk Bani-Mapena wazibonakalisa ngesikhathi kunomcimbi wokungena kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini esibayeni nangomcimbi wokudluliselwa ngokusemthethweni kwesitifiketi seSilo.
UMtolo uthe banethemba lokuthi uNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzoqoka umuntu owaziyo umsebenzi ukuba angene ezicathulweni zikaNkk Bani-Mapena.
UNkk Dube-Ncube umemezele ukuthi kuzobamba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, kulesi sikhundla kuze kube kuqokwa ungqongqoshe omusha.
Esitatimendeni uNkk Bani-Mapena uthe usebenze ngokuzikhandla kulesi sikhathi esincane asihlalile.
UNkk Bani-Mapena uthe i-ANC iyona enelungelo lokuqoka ebabona befanelwe izikhundla.
“Sijoyina i-ANC njengamavolontiya, singabheke kuzuza.”
UNkk Bani-Mapena uthe ufike emnyangweni ngesikhathi esinzima lapho khona bekuhlanganiswa uMnyango wezeMidlalo nowezamaSiko namaCiko.
Uthe lo msebenzi bakwazile ukuwenza ngempumelelo.