UMPHAKATHI waKwaSwayimane, kuthiwa uvuke indlobane washaya wabulala ngesihluku owesifazane osekhulile, umsola ngokushisa isimoba sikamakhelwane wakhe eGobizembe, eMaselekwini.
Umufi uNksz Margaret Mhlongo (67), kuthiwa kuleli sonto uthelekelwe wumphakathi wamngenela ngenduku, wagcina eshonele esibhedlela esisoZwathini, e-Appelsboch.
Ngokusho kukaNksz Nokuphiwa Mhlongo, oyilungu lomndeni, bashayelwe ucingo ngumnikazi wensimu, ethi uzobalanda ngoba isimo simanzonzo kakhulu. Uthi nebala ufikile umnikazi wensimu, ngenkathi besendleleni wambuza ukuthi ngabe udadewabo ulimele yini. Uthi kodwa umnikeze impendulo ethembisayo. Uthi bafike sekukhona amaphoyisa nequlu labantu umufi egxaza igazi.
Ukhale ngokuthi umuntu omdala ufele ubala ngoba umoba uyatshalwa uphinde umile kodwa impilo kamufi ngeke isabuya.
"Umoba uyamila kodwa umuntu akamili, okubuhlungu kakhulu wukuthi akekho onesiqiniseko sokuthi umbone ngqo ewushisa umoba. Siwumndeni siphatheke kabi kakhulu futhi lesi sihluku abulawe ngaso asamukelekile, sifisa ukube umphakathi awuthathanga umthetho wawubeka ezandleni zabo. Sifisa ukube bamnikele emaphoyiseni bese siyabonisana ngokukhokha umonakalo abathi uwenzile," kubalisa uNksz Mhlongo.
Uqhube wathi kunzima ukuqonda ukuthi ukwenzile noma akakwenzanga ngoba umufi ubengumuntu osekhulile ngeminyaka. Uthe uyangabaza impela ukuthi owesifazane oneminyaka engu-67 angenza lokho. Uqhube wathi kubephule umoya bezwa abomndeni womoba bezishaya isifuba bezincoma bethi, ‘abashayi bayanabisa’.Uthe uyafisa ukuthi nabaphezulu bangenelele lolu daba bezobona umphakathi okhohlakele oshaya, ubulale izalukazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseWartburg, aphenya icala lokubulala ngemva kokuthola isidumbu sowesifazane oneminyaka ewu-67, okubikwa ukuthi besinamanxeba amaningi.
Uthe kusaphenywa ngezinsolo