UMNDENI womfundisi waseMpangeni othanqazeke eflethini esuka esitezi sesikhombisa eThekwini washona, ushaya amakhala usola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kwakhe.
UMfundisi Ayanda Makholwa Dlamini waseNdlangubo eMpangeni, kuthiwa ukhutshwe yikhethini, okwenze ukuthi awele embhedeni wadlula wayophuma ngewindi eflethini iLondon House, kuDr Prixley KaSeme Street, kuleli sonto.
Ilunga lomndeni elingathandanga ukuthi lidalulwe, lithe abagculisekile ngokushiwo ngabebekhona kwenzeka lokhu. Lichaze umufi njengomuntu obezilungele, oziphethe kahle, obehamba eshumayela ezindaweni ezahlukene
"Ngathola ucingo oluthi u-Ayanda akasekho emhlabeni. Ngabe sengiphuthuma endaweni yesigameko. Ngafica abangani bakhe ababekhona kwehla lesi sigameko. Basitshela ukuthi ubegibela embhedeni washibilika wakheqwa yikhethini, wase ewela ngaphandle washona."
Uthi abebekhona kulesi sehlakalo ngamantombazane amabili, okubalwa kuwo nentombi kamufi, bese kuba wumngani wakhe okuthiwa wayenentombi yakhe naye. Uthe abakaveli ukuyobika ekhaya ngokwenzekile.
"Iyindida le nto. Asazi nokuthi sobachazela kanjani abadala ekhaya. Nesimo esamfica ekusona sasingesihle, kodwa-ke ngeke sime ngokusola ngoba asinabo ubufakazi ngokuthi kahlehle kwenzekeni.
Imizamo yokuzwa uvo lokhulumela umndeni ngokusemagunyeni kayiphumelelanga.
Isolezwe ngoMgqibelo libe selithintana nobeyintombi kamufi, ozibize ngoZandile kodwa wangathanda ukusho isibongo sakhe. Akaphikanga ukuthi uyintombi kamufi kodwa ucele ukungaphawuli ngokwenzeke kumfundisi obeyisoka lakhe.
Omunye umthombo udalule ukuthi kunomsindo owezwakalile ngosuku lwesigameko, kodwa naye wangafuna ukugxila ekutheni bekuthiwani, ekhala ngokuthi akafuni ukungena agamanxe ezindabeni zabantu. Uthe amaphoyisa yiwona okumele aphenye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseThekwini acubungula idokodo lophenyo ngokufa kowesilisa okusolwa ukuthi uwile esuka esitezi sesikhombisa kuDr Prixley kaSeme Street, eThekwini ngoLwesibili.
Uthe kuyaphenywa ngezimo ezihambisana nalesi sigameko.