USUQALA ukulahlekelwa yithemba lokuthi uzotholakala esawadla anhlamvana umndeni womhlengikazi owagcinwa evakashele isoka lakhe eliphuma ejele ngecala lokubulala ababili.
UNksz Thabisile Angel Vilakazi (35) waKwaHhaza eHowick kuthiwa wahamba kubo ngo-Ephreli 16 eyovakashela isoka lakhe lakhona endaweni ngokuzalwa kodwa eliqashe eTshelimnyama, eMariannhill, ngokomsebenzi.
Ngokusho komfowabo, uMnuz Thabani Vilakazi, kuningi okushayisa amakhala ngokunyamalala kukadadewabo.
Uthe ngosuku olwandulela ahamba ngalo uNksz Vilakazi, waxoxela amalungu omndeni ukuthi ngayizolo ubanjwe inkunzi ngesikhathi efika sekuhwalele ePinetown.
“Wathi izigebengu zimphuce opulasitiki ayebaphethe nemali. Zayishiya iselula nesikhwama ayekuphethe. Sixakwa ukuthi waveza ukuthi kuso leso sidididi sokubanjwa inkunzi, isoka lakhe laqhamuka, lathi abahambe baye endlini, kanti yena wayesehlele ukuqasha imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile ukuthi imbuyisele ekhaya,” kusho uVilakazi.
Uthe konke lokhu uNksz Vilakazi obesebenzela ekliniki eLions River, wayebaxoxela ngakusasa, ehleli endlini yalo isoka, ngesikhathi bebuza ukuthi akasashongo ngani ukuthi uhambe kanjani ngayizolo.
Uthe bona baqale ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi engasabuyi ngo-Ephreli 20 njengoba ayeshilo.
Udalule ukuthi bathi uma belandelela esokeni lasho izinto ezehlukene ezididayo.
“Laqale lathi baxabana ngomhla ka-20 wahamba. Labuye lathi wahamba nendoda. Laphinde lathi wahamba nabesilisa ababili. Lagcina selithi wahamba nowesilisa wakwaNdlovu,” kulandisa uVilakazi.
Echaza uVilakazi uthe balitshela ukuthi alibanike inombolo yowesilisa wakwaNdlovu.
“Sithe uma sikhuluma nowesilisa wakwaNdlovu wadalula ukuthi isoka lamshaya udadewethu endaweni yokucima ukoma esendaweni. Wathi baze bamkhuza ukuthi akangashayi umuntu wesifazane kanje,” kusho uVilakazi.
Uthe uNdlovu waphinde wabatshela ukuthi lezi zithandani zahamba zaya emqashweni wowesilisa, zibashiya endaweni yokucima ukoma.
“Wathi kwathi uma sebefika emqashweni ngoba naye uhlala emqashweni ofanayo, bathola ukuthi usephinde waqala phansi wamshaya udadewethu ngoba baqhamukela kuye ekhala,” kusho uVilakazi.
Uthe uNdlovu uthi akasakhumbuli ke emva kwalokho ukuthi kwenzekani njengoba naye wahamba wayozilalela.
Udalule ukuthi bathola ngowesilisa ongumnikazi wendawo yokucima ukoma ukuthi uNksz Vilakazi wafika kuye ebusuku ezocela usizo lokuthi kufonelwe amaphoyisa ngoba isoka lakhe liyamshaya.
“Sixakwa ukuthi owesilisa uthi akawafonelanga amaphoyisa ekubeni kwakucacile ukuthi udadewethu usenkingeni. Sisola ukuthi naye unalo ulwazi lokuthi isoka lamenzani udadewethu ngoba uma kukhulunywa nabo, inkulumo yabo icishe ifane ungafunga ukuthi bayavikelana,” usho kanje.
Uthe okwenza balahle ithemba lokuthi uzotholakala esaphila ukuthi wayeshawa owesilisa owake walahlwa amacala okubulala ababili abashisa nendlu KwaHhaza eminyakeni eminingi eyedlule.
Uthe okunye okwenza balahle ithemba ukuthi ucingo lukadadewabo selokhu lwavaleka lokho, kanti nomholo wakhe wangenyanga edlule awukaze uthintwe.
“UThabisile uwuhlobo lomuntu othandayo ukuphila kamnandi, ukuthi imali yakhe ingangasetshenziswa kusinika isithombe esingesihle sokuthi kungenzeka ukuthi akasekho,” usho kanje.
Uthe bafuna usizo kunoma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni atholakale, njengoba sebeye ezibhedlela nasemakhazeni ehlukene kodwa babuya belambatha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo lokulahleka komuntu esiteshini samaphoyisa eMariannhill.