BASALE beshaqekile kushona umsakazi wesiteshi somphakathi okuthiwa ushone ngoMgqibelo ngemuva kokuxinwa ukugula.
BASALE beshaqekile kushona umsakazi wesiteshi somphakathi okuthiwa ushone ngoMgqibelo ngemuva kokuxinwa ukugula.
Kubikwa ukuthi uTsepo "TP" Hlengwa obese kuphele iminyaka engu-14 esebenza kwiMbokodo FM ukugula kumxine kakhulu emasontweni amabili edlule wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Kubikwa ukuthi ubuyele kwakhe ngoLwesihlanu eseluleme kodwa kwaphinde kwamxina ukugula ngosuku olulandelayo, ngoMgqibelo ashone ngalo eselashwa esibhedlela abengeniswe kuso.
UMnuz Sandile Ngema ongumphathi weMbokodo FM, uthe baphatheke kabi ngokudlula kukaTP Hlengwa emhlabeni.
Uthe bebengalindele nhlobo ukuthi angase abashiye ngoba bese eluleme futhi esephumile esibhedlela abelashelwa kuso.
"Kubuhlungu futhi sisashaqekile ngokushona kukaTP. Bese efana nelungu lomndeni kimi njengoba bese kuphele iminyaka eminingi sisebenza naye," kusho uNgema.
Eqhuba, uthe intshisekelo nogqozi obelukuHlengwa akasoze alufanisa nolwamuntu.
"Uma sihlukanisa unyaka esiteshini bekunguye obebamba uhlelo ngokubambisana nabanye abasakazi. Ubephinde abe neqhaza elikhulu ekuqeqesheni abasakazi abasebasha esiteshini," kusho uNgema.