USASHAQEKILE umphakathi waKwaNodumo, KwaMbonambi, kulandela ukutholwa kwesidumbu sekhehla le ndawo sishuthekwe epayipini lamanzi kwabe sekugqitshwa ingxenye engenhla yesidumbu, ngeSonto.
Ngokusho kwenduna yesigodi, uMnuz Philani Ndabandaba, umufi uMnuz Zeblon Vusumuzi Gumede ubenamanxeba amabi ebusweni nakwesingenhla.
UNdabandaba uthe akucaci ukuthi sikhali sini okulinyazwe ngaso umufi.
Uthe kusolakala ukuthi ulinyazwe ngoMgqibelo ebusuku ephuma komunye umuzi obunomcimbi endaweni.
“Ngokubuka kwethu, ubulawe ebangeni elingamamitha awu-100 ukusuka lapho kutholwe khona isidumbu sakhe ngoba kulelo banga kukhona ithantala legazi elikhombisa ukuthi uhlaselelwe khona, kwase kuba khona umkhondo walo (igazi), osuka lapho uze uyofika kuleli payipi agqitshwe kulo,” kusho uNdabandaba.
Uveze ukuthi yena uvuswe abesilisa ababili bendawo, abambizele endaweni yesigameko entathakusa ngeSonto.
Uthe uma befika endaweni yesigameko, wabona ukuthi abasolwa abasigqibanga sonke isidumbu sikamufi epayipini.
“Bebe shutheke uhhafu waso epayipini, maqede bawumboza ngenhlabathi, kwathi esingezansi basishiya kanjalo singagqitshiwe,” kusho uNdabandaba.
Echaza ngepayipi, uthe elohlelo lokufakwa kwamanzi oluqhubekayo endaweni.
“Sishaqeke sonke ngoba uGumede ubewuhlobo lomuntu oluthandwa yiwo wonke umuntu endaweni. Kuyadida uma esetholakala ebulewe kabuhlungu kangaka,” kusho uNdabandaba.
Uveze ukuthi nakuba bukhona ubugebengu bokubulawa kwabantu KwaMbonambi kodwa obuningi benzeka ezindaweni zokucima ukoma, bayakweshwama ukuthi kuhlaselwe umuntu ezibuyela emcimbini endaweni. Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni kamufi ayiphumelelanga njengoba inombolo yocingo ibikhala ingabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi ukuba liphenywe.
Ukuqinisekisile ukuthiumufi ubenezingozi ekhanda, wathi imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa.