BASHAQEKILE abomndeni womfundisi odutshulwe wafa esontweni ngoLwesihlanu eDiepsloot eGauteng begetshengwa wumuntu obezobhonga emswanini.
Kuthiwa umsolwa ufike njengomuntu ozokhalisa umndeni, wazinikela wathi bangamthuma uma kukhona abakudingayo ezitolo njengoba besemanzini.
Uthe ephuma namalungu amabili omndeni, wawagebenga amaselula awo.
Kuthiwa akagcinanga ngokubagebenga amaselula kuphela kodwa uthumele abazalwane imiyalezo ecela imali, ezenza abanikazi bezingcingo.
Lokhu kubaphathe kabi abanye abebezobhonga emswanini nabebekhona esontweni ngesikhathi kuhlaselwa.
Ilungu lebandla elikhulume nabe-Newzroom Afrika lithe abasolwa bagasele esontweni ngezithuba zawo-10 ebusuku.
“Bathe bazosibonisa ukuthi nabantu bayafa emasontweni, bazosibulala sonke,” kusho ilungu lebandla phandle kwekhaya likamfundisi odutshulwe wafa ngalo usuku lwesigameko.