UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal ubukeka untula umkhombandlela noma ukucaciseleka mayelana nohlelo lokuqashwa kodokotela abaqhinqe emahhovisi oMphathiswa walo mnyango kusukela ngoLwesibili.
Lokhu kushiwo imenenja yenyunyana yabasebenzi bakahulumeni, iPublic Servants Association SA (PSA) KwaZulu-Natal, uMnuz Mlungisi Ndlovu ejoyine labo dokotela abebekhombisa ukungenami kwabo ngokumasha phambi kwebhilidi elinehhovisi likaMphathiswa walo mnyango uNksz Nomagugu Simelane, iNatalia Building eMgungundlovu, izolo.
Labo dokotela balokhu behlale ngaphambi kwaleli hhovisi ngoLwesibili bathi bazobuyela emakhaya nezincwadi zokuthi sebethathiwe njengoba kwethembisa uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla ngoFebhuwari ukuthi kuzoqashwa odokotela abangu-800 abangaqashiwe kule nyanga. Bathi ezinye izifundazwe seziluqalile lolu hlelo kodwa kulesi sifundazwe kuthulekile.
"Sifuna ukuthi uMnyango wezeMpilo esifundazweni uluqale ngokushesha uhlelo lokuqasha odokotela njengoba uNgqongqoshe athembisa. Kuyasimangaza ukuthi umnyango esifundazweni uthi awunayo imali ekubeni uNgqongqoshe athi kwisabelomali salo mnyango izobakhona imali. Kubukeka sengathi umnyango untula ukucaciseleka ngokuthi odokotela abesebephothule izifundo zabo bafunani. SiyiPSA siyazwelana nabo ingakho silapha namhlanje, " kusho uNdlovu.
UDkt Thuba Nkabinde, ongomunye wodokotela abangaqashiwe abalokhu behlale ngoLwesibili ehhovisi likaMphathiswa, uthe kubadumazile ukuthi uMphathiswa, utshele izintatheli ukuthi imali ayikho ekubeni lolu daba lungakadingidwa kahle.
"Inhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala, akukho okucacile asitshele kona. UNgqongoshe wakubeka kwacaca ukuthi sizoqashwa futhi siyakubona kwenzeka kwezinye izifundazwe ngoba sezikhona izikhangiso. Kulesi esethu kuthule manje sekuthiwa imali ayikho," kusho uNkabinde.
Usihlalo we-IFP uMnuz Thami Ntuli, uthe akwamukelekile ukuthi odokotela bashaywe indiva noma sebehleli ngaphandle kwehhovisi likaMphathiswa.
"Lokhu kukhombisa ukungabi nanhlonipho kukahulumeni waseKZN. Kuyakhathaza kakhulu ukuthi izikhungo zezempilo nezibhedlela zikahulumeni KwaZulu-Natal zibhekene nenkinga yokushoda kodokotela kodwa uhulumeni akakuboni ukuphuthuma kodaba lokuqashwa kwalaba basebenzi abaqeqeshiwe," kusho uNtuli esitatimendeni.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni ubungakaphenduli.