BAYAKHALA abanye osonkontileka abaphakela izikole KwaZulu-Natal, ngokuncishiswa kwesibalo sabafundi okumele baphakelwe.
Labo sonkontileka benze isibonelo sokuthi, ngesinye isikhathi, esikoleni isibalo sabafundi okumele badle siba ngu-600, ekubeni ngokomnyango bangu-550 abagunyaziwe ukuthi badle.
UMnuz Xolani Shange weKZN Business Forum, uthe bathwele kanzima abanye osonkontileka ngokuthi izibalo zabaphakelwayo kazifani.
Uthe uma izibalo zingafani kuba yinkinga ngoba kusho ukuthi bayaqhuma ngalabo bafundi abengeziwe uma sebebaphakela ekubeni bengeke bakhokhelwe ngabo.
“Inkinga esibhekene nayo ukuncishiswa kwabafundi abadlayo okwenza abanye singazi ukuthi kumele senzenjani ngabo. Siyazama ukubaphakela ngoba akekho umfundi okumele alambe.”
UShange ukhale ngokuthi basathwele kanzima nalabo abangenayo imali yokuphaka ngoba namanje akucaci ukuthi bazokhokhelwa nini.
Uthe nebhange iThala elibanika uxhaso lidinga izinto eziningi, okubalwa nesivumelwano esishoyo ukuthi unesivumelwano nomnyango sokuphaka.
“Abanye abanazo izimvume ngoba zinamaphutha amaningi. Bagcina bengasalutholi uxhaso ngoba kuba nzima ukuthola imali zingaphelele izimfanelo ezidingekayo. Uma uhluleka ukuphaka umnyango uyayihoxisa ngokushesha inkontileka yakho.”
Uthe bayathanda ukwenza lo msebenzi kodwa umnyango ubanqinda amandla okwenza ngempumelelo umsebenzi.
Okunye abanye osonkontileka abakhala ngakho ukubiza kokudla.
UShange ukhale nangephalishi elidliwa ngabafundi athe njengoba lilisha nje aliliningi okwenza ukuthi balinde.
“Leli phalishi aliliningi ngoba kwalona bekuqala ukuthi liphakelwe abafundi kulo nyaka. Uma uzama ukuchaza ukuthi asilitholi kuba sengathi awuhlangabezani nemibandela ekubeni lona lingatholakali.”
Omunye wosonkontileka ocele ukungavezwa, uthe emhlanganweni ngeledlule, batshelwe ukuthi bangase bakhokhelwe emva kwezinsuku ezingu-20 njengoba bekuyima befaka izinto zabo ezithinta ukuhambisa ukudla kwangenyanga edlule, abebekuhambisa ngaphansi kwePacina Retail, eyayithole umsebenzi.
Uthe izinto zihamba kancane emnyangweni, wathi abazi bazokhokhelwa nini.
“Kuthiwa sizothola uR1 ngomfundi oyedwa ngokudiliva ukudla ngenyanga edlule ezikoleni. Manje siyazithengela ukudla kanjalo negesi yokuphekela abafundi imali yakhona sizoyithola uma sesifake izinto zethu,” kusho lo sonkontileka.
Kwenzeka lokhu nje, uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, kuthiwa uyalele uNgqongqoshe walo mnyango eKZN, uNkk Mbali Frazer, ukuthi athathele izinyathelo abathinteka enkingeni yokungaphakelwa kwabafundi ngenxa yezinkinga kulolu hlelo.