ISIZWE soManzini esakhiwe izibongo ezithi Zungu, Makhoba, Ncwane, Sihlophe, noDeyi, bebenhlanganyele emcimbini obuqhakambisa imfundo nokuyiyona abathi ingatakula abaningi enhluphekweni
Lo mcimbi ububanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) eThekwini, ngoMgqibelo. Indikimba yawo ibithi Yenza imfundo ibe imfashini: Making education fashionable.
Injongo yawo ibiwukugqugquzela ukuthi imfundo ibe yindlela yokuphuma ekuhluphekeni okudalwe izimo zakudala zobugqila bempilo nangokomqondo. Lo mcimbi ubuhanjelwe abantu abangaphezuu kuka-500, okubalwa amakhosi nezinduna.
Kunandise uThina Zungu noDJ Cyndo Zungu.
Ongumphathi weqembu lebhola AmaZulu FC ophinde abe nguShansela wesikhungo semfundo ephakembe, iMangosuthu University of Technology (MUT), uMnuz Sandile Zungu, unxuse abantu abasha ukuthi bathathe imfundo njengento ebalulekile ukuze baphumelele futhi basizane njengesizwe soManzini.
"Abantu abasha abangagxili ngokuthola usizo lukahulumeni kodwa bazenzele lokho okuncane abangakwenza ukuziphilisa njengamabhizinisi," kusho uZungu.
Ongumunye wabahleli bomcimbi, uMnuz Phohlo Zungu, uthe lo mcimbi ube yimpumelelo ngoba zonke izifundiswa bezifake amajazi emfundo futhi bezikhombisa ukuthakasela ukuphakanyiswa kwemfundo yazo.
"Zonke izifundiswa zakwaZungu bezifake amajazi emfundo ukuze zigubhe inyanga yabasha futhi zitshengise abantu abasha ukuthi imfundo isahamba phamabili," kusho uMnuz Zungu.
Eqhuba, uMnuz Phohlo Zungu uthe lo mcimbi usuzoba khona njalo ngonyaka.