Zibonga ukuthi ziphume ejele zisaphila izelamani zakwaNdlovu ezigwetshelwe ukubulala eziphume ngebheyili ukuze icala lazo libuye lidingidwe kabusha.
Usomahlaya uSthembiso Pro Ndlovu (32) nodadewabo uNksz Nokuthula Ndlovu (48) bese kuphele iminyaka eyisikhombisa bedonsa isigwebo seminyaka ewu-18 ngemuva kokutholakala necala lokubulala isigebengu esagqekeza kubo, sabanjwa umphakathi sashaywa, safela esibhedlela. NgoLwesihlanu, baphume ngebheyili besalinde ukuthi inkantolo yokuDluliswa kwamaCala ikhiphe usuku lokuthi uMbuso nabameli babe nempikiswano ngobufakazi abagwetshwa ngabo.
Lesi sehlakalo senzeka eMgungundlovu ngo-2017 lapho zizalwa khona lezi zelamani. Zagwetshwa ngonyaka ofanayo. Zithi zagwetshwa ngecala ezingalenzanga ngoba zona zamemeza umphakathi, azimshayanga umufi.
UMmeli wabo uMnuz Thabani Mpungose, uthe ubufakazi abagwetshwa ngabo obokuthi babonwa ngomunye wofakazi bephethe izinduku, kodwa akucaci kahle ukuthi wababona yini bemshaya umufi. Okunye athi bafuna ukuthi kuphinde kuhlaziywe ukuthi umbiko wokufa kukamufi abanawo awucacisi kahle ukuthi umufi wabulawa yini.
UMpungose, uthe bebesebenzisana neJustice for Prisoners and Detainees Trust, ekutholeleni uNdlovu nodadewabo ubulungiswa ngoba kuyabonakala ukuthi kukhona okungalandelwanga kahle.
"Udaba saluyisa enkantolo iSupreme Court. Le nkantolo isivumile ukuthi kukhona okungakhulunywa ngalolu daba, base benikwa ibheyili besalinde ukulalelwa kwaleli cala,. Lolo suku alukanqunywa,“ kusho uMpungose.
UPro uthe: "Ngibonga ukuthi ngiphume ngisaphila. Kunesikhathi lapho ngike ngaphathwa iTB yamathumbu ngisejele, ngaze ngazibonela nami ukuthi ngiyahamba. Bengike ngizwe abanye esinabo ngaphakathi betshelwa ukuthi sekushone abazali, banqatshelwe ukuyobangcwaba. UNkulunkulu usengenzele umusa ngoba akwenzekanga lokho, siphume abazali besaphila nasemndenini engekho oshonile,"
Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi osomahlaya abesebenza nabo bamamukele kahle. Ngesonto elizayo uzobe eqhulula amahlaya komunye umcimbi.
Uthe waphazamiseka kakhulu ngasohlangothini lwezemfundo waboshwa enza unyaka wokugcina eDurban University of Technology (DUT), enza i-Electrical Engineering.
"Ngafunda i-semester eyodwa kwasala ukuthi ngenze uqeqesho msebenzi olungenzeki ejele. Ngafunda iMarketing Management e-Unisa ngingaphakathi ejele,“ kusho uPro.
Udadewabo uNokuthula Ndlovu, uthe waboshwa ingane yakhe yokugcina ineminyaka eyisithupha manje isineminyaka engu-13.
"Ngiphume senginabazukulu ababili abangangazi," esho ehleka.
Uthe ngesikhathi begwetshwa wayesebenza, akasakwazi ukubuyela ngoba imigomo yebheyili ayivumi ukuthi babuyele eMgungundlovu lapho kwenzeka khona isigameko.
“Sengifisa engabe selufikile usuku lokuthi lolu daba lulalelwe kabusha, ukuze kuvele ukuthi simsulwa asibona ababulali. Kugezeke namagama ethu,” kusho uNksz Ndlovu.