USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe uhulumeni wobumbano ophethe iKwaZulu-Natal angeke uzanyazanyiswe noma kungafika izivunguvungu ezinkulu.
UDuma uthe ukubambisana kwamaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana kuzokwenza kube lula ukuthi uhulumeni wesifundazwe usebenze ngendlela.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe.
I-ANC, IFP, DA neNFP yibona abaphethe ngokubambisana uhulumeni wesifundazwe.
I-MK okuyiyo eyahamba phambili ngokwamavoti KwaZulu-Natal, iyaqhubeka ngokusonga ngokuthi uhulumeni wesifundazwe ngeke uhlale isikhathi eside.
I-MK ayinazo izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
UDuma uthe uhulumeni wokubambisana ophethe iKwaZulu-Natal awuyi ndawo.
“Abantu ababeke phansi amaphaphu, uhulumeni wokubambisana uzosebenza lapha KwaZulu-Natal.”
UDuma uthe umnyango awukavalwa kulabo abasala ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wobumbano, wase exwayisa ngokuthi bazothathelwa izinyathelo zomthetho labo abazokwenza izinto eziphambene nomthetho.
“Leli lizwe lafelwa. Isikhathi segazi safika sedlula. Manje sekuyisikhathi samaphoyisa nomthetho. Yonke into eyenzeka lapha kufanele iqale ezingxoxweni, iphethwe khona ezingxoxweni. Ngiyacabanga nje ukuthi abantu basahlushwa ulaka nelukuluku, basazohamba babone ukuthi sinezinhloso ezinhle. Bazohamba babone ukuthi sizosebenzela abantu bakithi.”
Amaqembu ayingxenye yokubusa iKwaZulu-Natal akwazi ukusheshe avumelane ngokwabiwa kwezikhundla kwikhabhinethi lesifundazwe.
Kuze kube manje kuzwelonke naseGauteng akukavunyelwana ngokwabiwa kwezikhundla.
UDuma ubalule izizathu ezintathu athe zenze kube lula ukuthi basheshe bavumelane KwaZulu-Natal.
Esokuqala, uDuma uthe iKwaZulu-Natal yagubuzelwa kakhulu udlame lwezepolitiki, wathi abantu abafuni ukubuyela kuleso sikhathi.
Esesibili; uthe iKwaZulu-Natal ivele inomlando wokubusa ngokubambisana kuhulumeni wesifundazwe nakomasipala.
Esesithathu; uDuma uthe abantu baKwaZulu-Natal bayakwazi ukuthobela umthetho ngoba iningi labo liqhamuka ezindaweni zamakhosi.
“Abantu baKwaZulu-Natal bayakwazi ukuthobela umthetho obekiwe. Uzokhumbula ukuthi emakhaya uma insizwa ishaye enye ikhanda, kuyaye kufanele ukuthi iyigeze ikhanda, bese kuqhubeka kahle umcimbi. Le indlela esidalwe ngayo.”
UDuma uthe izingxoxo zabo esifundazweni beziholwa yizingwevu okungoMnuz Sbu Ndebele, Mike Mabuyakhulu noNkk Weziwe Thusi.
“Lesi sikhathi sifana no-1994 kuthina lapho uhulumeni kaMadiba (uMnuz Nelson Mandela) wawuhlanganise amaqembu amaningi. Okubalulekile manje ukuthi sisebenzele abantu. Isisu asikwazi ukubona ukuthi lona uyi-ANC, i-IFP, DA, noma iMK.”
UDuma uthe uyabethemba abaholi bakazwelonke ukuthi bazogcina bevumelene.
“Udaba lukazwelonke lubucayi ngoba kunokwehlukana kwemigomo yamaqembu. Amanye amaqembu akholelwa ekutheni izwe kufanele lisebenzele ongxiwa, bese bethatha inzuzo bondle ngayo izingane zabo. Thina njenge-ANC sikholelwa ekutheni izwe kufanele lisebenzele abantu.
“Ngisho ebandleni imibono ihlezi ishayisana. Ngiyabethemba abantu abangu-400 (amalungu ePhalamende) ukuthi bazokwazi ukubeka eceleni indaba yokulangazelela izikhundla. Kunengcithabuchopho esixwayisa ngokuthi isikhundla siyize leze, ithi into ebalulekile abantu.”