LIGCOBE abefundisi abangu-13 muva nje, ibandla iDamaseku Apostolic, elizinze eLoskop, eMtshezi, enkonzweni ebibanjelwe ekomkhulu lebandla.
Ukugcotshwa kwabefundisi kwenzelwe ukuthi bahole amagatsha ahlukene ezweni, angaphansi kwebandla eliholwa nguMbhishobhi Thulani Tshangatshanga.
Obeqhuba indumezulu yenkonzo yokugcotshwa kwezinceku ngumengameli webhodi iKwaMsindisi, uMbhishobhi Sanele Zakwe.
UMbhishobhi Zakwe unxuse abefundisi ebebegcotshwa ukuba banyathele ngokukhulu ukucophelela ohambweni olusha abaluthathayo. Ubayale ngokuthi babeke phambili izwi likaNkulunkulu kukhona konke abakwenzayo.
Ubaphosele inselelo abebegcotshwa, wathi babe ngabanqobi futhi bakhuthalele ukubona izithelo zezimfundiso nentshumayelo ebandleni. Iziyalo zokuba ngabanqobi uziyamanise nendaba kaDavide esebhayibhelini, owanqoba isiqhwaga uGoliyathi.
Utshele abagcotshwa ukuthi impi abazobhekana nayo emsebenzini wokuhola ibandla izodinga ukuthi babe ngabantu abancike kakhulu ekumazini uNkulunkulu.
“Kumele nibe ngabantu abakuqonda kangcono ukubaluleka kwezwi likaNkulunkulu. Uma konke nikwenze kahle angingabazi ukuthi niyokwazi nokuthi ninqobe ezinye izimpi enizohlangabezana nazo empilweni yenu,’’ kuchaza uMbhishobhi Zakwe.
UMbhishobhi Tshangatshanga ubonge abaholi ngebanga elide eselihanjwe yibandla. Unxuse ukuthi baqhubeke nokuba ngabaholi abathanda umsebenzi kaThixo ngaso sonke isikhathi.
Wabonga uNkulunkulu ngokuba nohlobo lwabaholi olubonakala luwuthanda umsebenzi wokushumayela izwi ngenhloso yokuphilisa abantu ngalo.
UTshangatshanga uveze ukuthi ubuholi bebandla buncela kogwansile ngokusondelana nobuholi bebhodi yaKwaMsindisi, ebeliqhuba umsebenzi wokugcoba abefundisi.
“Kuyajabulisa kakhulu ukusondelana nohlobo lwabaholi oluwuhloniphayo futhi eliwazisayo umsebenzi kaNkulunkulu,” kubonga uTshangatshanga.