AMAQEMBU abusa ngokubambisana uMasipala waseNewcatsle, i-IFP neTeam Sugar SA (TSSA), ayakuchitha ukuthi i-IFP ifakelwe ingcindezi ukuthi ihoxe okhethweni lokuchibiyela oluzoba ku-ward 31 wakulo masipala.
I-IFP imemezele ukuhoxa okhethweni oluzoba kule nyanga ukuze idedele iTSSA.
Le ward ibikade ivele iphethwe iTSSA, isikhala savuleka emva kokushona kwekhansela lale nhlangano.
Isivumelwano sokuhoxa kweIFP siqinisekiswe esithangamini nabezindaba.
La maqembu abusa ngokubambisana uMasipala waseNewcastle njengoba lingekho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
Aphinde asebenzisane kuMasipala wesiFunda Amajuba nakuMasipala waseDannhauser.
Bekunamahlebezi okuthi iTSSA ibisabisa ngokuhoxa esivumelwaneni sokusebenzisana kulabomasipala uma i-IFP ingavumi ukuhoxa okhethweni.
Kepha uNobhala we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Xolani Dube noMengameli weTSSA, uMnuz Musa “Shukela” Thwala, bakuphikile lokhu.
UDube uyiMeya kuMasipala waseNewcastle, bese kuthi uThwala abe iphini lemeya kulo mkhandlu.
UDube utshele abezindaba ukuthi abazange bafakelwe ingcindezi ukuba bahoxe kulolu khetho.
Uthe banqume ukuhoxa emva kwesicelo sobuholi beTSSA.
“Babeke isizathu sokuthi u-ward 31 ubuvele uphethwe yibona, babe sebesicela ukuthi sihoxe. Sibone lesi kuyisicelo esiphusile, sabe sesithatha isinqumo sokumisa yonke imikhankaso yethu. Akusilona iqiniso ukuthi sifakelwe ingcindezi.”
Kubukeka sengathi lesi sinqumo sizohlukanisa phakathi amalungu e-IFP njengoba kukhona asevele ezwakalise ukungenami ngesinqumo esithathiwe.
Kepha uDube unxuse amalungu enhlangano ukuthi ahloniphe isinqumo esithathiwe.
“Sizoya kokhuluma nomphakathi othintekayo, sibacacisele ngezizathu eziholele ekutheni sihoxe.”
Ngakolunye uhlangothi, uThwala uthe banqume ukucela i-IFP ukuthi ihoxe ngenxa yokuthibelana kwamalungu alezi zinhlangano kwi-ward ezoba nokhetho lokuchibiyela.
“Umsindo obukhona ubudala uqhekeko emalungwini amaqembu womabili. Ubuwakha isithombe esingesihle emphakathini waseNewcastle njengoba bazi ukuthi siyasebenzisana. Kwakheka isithombe esibi uma siya okhethweni sinhlakanhlaka, kufaka izitha phakathi kwethu.”
UThwala ukuchithile ukuthi bafakele i-IFP ingcindezi ukuthi ihoxe okhethweni, wathi basazinikele ekusebenzisananeni ne-IFP.
“Ubudlelwano esibakhayo ne-IFP akubona nje ubudlelwano besikhashana. Sizimisele ukuqhubeka nokusebenzisana ne-IFP ikakhulukazi njengoba kuza ukhetho lwango-2024.”