AMAQEMBU aphikisayo akugxekile ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele ngenxa yokucinywa kukagesi.
Izwe lifakwe ngaphansi kwesimo senhlekelele ukuze kubhekwane nenkinga kagesi omise kabi ukukhula komnotho, amabhizinisi nezakhamuzi zakuleli.
Lokhu kumenyezelwe wuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula inkulumo ayibhekise ezweni, iState of the Nation Address (Sona).
Amaqembu aphikisayo asihlabe asihlikiza lesi sinqumo, athi sizoholela ekutheni kubhubhudlwe imali njengoba kwenzeka ngesikhathi kubheduka ubhubhane iCorona.
Iqembu elingelesibili ngobukhulu, iDA, lisabise ngokukuphonsela inselelo enkantolo ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bavele sebabatshelile abameli babo ukuthi bafuna ukulufaka enkantolo lolu daba.
USteenhuisen uthe ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele kuzovula intuba yokuthi kwehliswe ngemilenze imali yoMbuso.
“Sesike saba kulesi simo ngaphambilini. Ngesikhathi seCorona sabona kuphulwa imigomo ebekelwe ukukhishwa kwamathenda, kwabhubhudlwa imali. Kuyimanje sisenkantolo, sifuna kunqunywe ukuthi kwakungekho emthethweni ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele. Nalokhu kwamanje sizokulwa.”
USteenhuisen uphinde wagxeka izinhlelo zokuqokwa kukangqongqoshe kagesi eHhovisi likaMengameli.
USteenhuisen uthe ukuqokwa kukangqongqoshe kagesi kuzobhebhezela ukudonsisana athe kuvele kukhona njengamanje phakathi kukangqongqoshe wezokuMbiwayo nongqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni.
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele kuzokwandisa inkohlakalo.
“Lesi simo sizonikeza uhulumeni amandla amaningi kakhulu, nokuzoholela ekutheni sibone isimo esasibona ngesikhathi seCorona. Angeke sivume ukuthi kuphinde kwenzeke isimo esinjengalesi esasibona ngesikhathi seCovid-19.”
Kepha i-ANC ikwamukele ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele kuzokwenza ukuthi isheshe iphele inkinga yokucishwa kukagesi.
Udaba lokucishwa kukagesi luholele ekutheni kube nemibhikisho ebe ngaphambi kokuthi uRamaphosa ethule inkulumo yakhe.
Izinhlangano i-United Behind neSACP zibe nemibhikisho eyahlukene zikhala ngokucishwa kukagesi. Lezi zinhlangano zithe ukucishwa kukagesi kukhinyabeza umnotho wakuleli.
Ziphinde zaphakamisa ukuthi uhulumeni ahlinzeke izakhamuzi zakuleli ngama-solar njengoba kusazanywa isisombululo enkingeni yokucishwa kukagesi.
Isishoshovu samalungelo abantu, uMnuz Zackie Achmat, sithe umnotho wakuleli ulahlekelwa uR4 billion uma kucishwa ugesi.
U-Achmat uthe ukucishwa kukagesi kwandisa ubugebengu kuphinde kubeke engcupheni impilo yabantu, ikakhulu abesifazane nezingane.
“Ngaso sonke isikhathi uma kucishwa ugesi, ziyanda izigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.”
U-Achmat uthe uhulumeni angakwazi ukuhlinzeka izakhamuzi zakuleli ngama-solar ngesikhathi kusabhekwa isisombululo. Leli khwelo linanelwe nguNobhala Jikelele we-SACP, uMnuz Solly Mapaila, obehola umbhikisho we-SACP.
UMapaila uthe uhulumeni kufanele uqhamuke nesisombululo ngokushesha enkingeni kagesi.
“Izimemezelo ezenziwa kwiSona yangonyaka owedlule azizange zibe nezithelo ezinhle. Kufanele kutholakale isisombululo kule nkinga manje.”