BAWAKHA emizini yabantu amanzi abahlala ehostela eGlebelands, ngenxa yokuthi lilodwa iloli elibalethela amanzi.
Abahlala ehostela bayingxenye yomphakathi ongenawo amanzi ngemva kokuqhuma kwepayipi elikhulu eliphakela izingxenye zelokishi laseMlaza, eliseduze kwaseMega City.
Izolo bebehla benyuka abantu abahlala ehostela eGlebelands, befuna amanzi ngamabhakede. Abanye bekhathazekile belinde ukuthi libuye iloli elithwala amanzi, bekhala ngokuthi elokuqala lifikile seliqhutshwa ngamadoda ngeveni ethi kumele liwahambise kwenye ingxenye yehostela.
UNksz Nomfanelo Mkhize nomakhelwane bakhe bathi iloli ebelifikile belilincane babona ukuthi uma belilandela ngeke besawathola amanzi.
"Uma like lama iloli kuyadushwana kunyathelwane. Mina ngiyaxhuga kunzima ukuthi ngisheshe ngisuke uma sengibona ukuthi kubi. NgeSonto ngabuya nebhakede lingenalutho kukhona nasebesabisa ngokuthi bazosishaya," kusho uNksz Mkhize.
Uqhube wachaza ukuthi ubehamba ngetekisi ayowacela kwa-V, emizini enamanzi kodwa abashayeli bamatekisi sebethe ngeke besabagibelisa abaphethe amabhakede amanzi ngoba ayachitheka, bese kunuka imoto.
"Njengoba ungibona ngihleli kanjena nje, yingoba angazi ngizokwenzenjani ngoba kumele ngibe namanzi okuwashela izingane zami ezimbili ezigulayo ezizimoshelayo. Izingubo zokulala zingcolile, angikwazi ukugibela nazo etekisini ngiyoziwashela kulowo muzi engizocela kuwo amanzi ngoba ziyanuka. Anginayo imali yokuqasha imoto," kubalisa uNksz Mkhize.
UMnuz Zama Ndobe uthe kusukela kwaba nenkinga yamanzi akakaze awathole amanzi elolini, uwacela emizini yabantu kwa-V.
"Sizohlanganisela imali yemoto uma sesibuya. Kunzima ukuthi siyiqashe manje ngoba asazi ukuthi yimuphi umuzi ozovuma njengoba sibathathu siphethe amabhakede amane umuntu ngamunye," kusho uMnuz Ndobe.
UNkk Fikile Ngcobo, olaliswe esibhedlela eMshiyeni, naso esingenawo amanzi ahambayo njengoba kunenkinga, uthe kufakwe amathoyilethi angomahamba nendlwana abawasebenzisayo.
"Sithuthelana kuwo sonke noma singawathandi ngoba akukho esingakwenza. Ukube ikhona indlela ngabe angilisebenzisi," kusho uNksz Ngcobo.
Imeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, ivakashele esibhedlela eMshiyeni, izolo iyobheka isimo yadlulela lapho kulungiswa khona ipayipi eliqhumile.
UKaunda uthe amaloli amanzi ayawuphakela umphakathi ngamanzi. Wathi amaloli amanzi azogcwalisa amathange asesibhedlela ebusuku bese kwenziwa ipayipi lesikhashana elizosiza ekutheni isibhedlela sithole amanzi okuzothatha izinsuku ezintathu.
"Leli payipi lidala kanti njengoba liphakathi ebhulohweni uma siqhubeka simba kungagcina kulimala ibhuloho. Uma sekulungiswa ngeke lisabuyiselwa ebhulohweni lizofakwa eceleni. Akulona kuphela elidala kodwa amaningi amanye asemadala esinohlelo lokuthi alungiswe. Ukulingiswa kwawo kudinga uR109 Billion, ngakho ngeke sikwazi ukuwalungisa wonke ngesikhathi esisodwa," kusho imeya.