KUBUKEKA sengathi awukabiphi umdonsiswano wezinhlangothi ezisembangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu njengoba izolo ziyalelwe ukuba ziphinde zifake amanye amaphepha.
Izinhlangothi ezintathu ezithinteka embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu ziyalelwe ukuba zifake amanye amaphepha, ngaphambi kokuba lishone elangoLwesihlanu, ngesonto elizayo.
Lo myalelo ukhishwe yiJaji Norman Davis ngesikhathi liguqisa ukulalelwa kwecala izolo.
Leli cala eliphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini Zulu, liqalwe ukulalelwa eNkantolo eNkulu ePitoli ngoMsombuluko.
UDavis unikeze izinhlangothi ezithintekayo ecaleni ukuba zichibiyele lapho zidinga ukuchibiyela khona emaphepheni azo ngaphambi kokuthi athule isinqumo sakhe.
Ecaleni kuhlanganiswe izicelo ezimbili, esikaMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini nesikaMntwana uMbonisi kaBhekuzulu. Bobabili bakhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.
UDavis usigodlile isinqumo sakhe, wathi isisindo secala sidinga ukuba acubungule bonke ubufakazi obuphambi kwakhe ngaphambi kokuthi ahlulele.
“Lolu wudaba olubucayi futhi olubalulekile njengoba luthinta ubukhosi bukaZulu nesizwe sikaZulu sonkana. Umthwalo osemahlombe ami wukuba ngicubungule kahle bonke ubufakazi obuqukethwe emaphepheni afakiwe nezethulo ezenziwe ngabameli ngesikhathi kuqulwa icala. Yingakho isinqumo ngingeke ngisikhiphe namhlanje.”
Izolo enkantolo abameli bakaMntwana uSimakade nabakaMntwana uMbonisi benze izethulo zabo zokugcina lapho bebephendula okushiwo ngabameli beSilo nabakaRamaphosa.
Abameli bakaMntwana uMbonisi bakuchithile ukuthi inkosi iyazalwa, bathi iyakhethwa.
Ummeli kaMntwana uMbonisi, u-Adv Thabani Masuku, ubuze ukuthi uma kuwukuthi inkosi iyazalwa, kungani iSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini, saqoka indlovukazi uShiyiwe Manftombi Dlamini-Zulu ukuba kube yiyo ebamba ubukhosi encwadini yefa.
“Kungani iSilo singalandelanga usiko, saqoka loyo ozalelwe ukuba abe yinkosi? Wonke amadodana eSilo ayesekhule ngokwanele ngesikhathi sikhothama.”
Omunye ummeli kaMntwana uMbonisi, u-Adv Menzi Simelane, uthe kusukela kudala amakhosi akhethwa wumndeni.
“ISilo esikhotheme naso sakhethwa ngabakwabo. Kufanele kuqhubeke lolo siko.”
Ummeli weSilo, u-Adv Ross Richards, utshele amabutho abezokweseka iSilo ngaphandle kwenkantolo ukuthi banethemba lokuthi inkantolo izovumelana nezethulo zabo.
“Angifuni ukungena kakhulu kokukhulunywe ecaleni kodwa ngifuna ukukusho ukuthi siyazethemba. Siyabonga ukuba niphume ngobuningi nizokweseka iSilo.”