BAYISISHIYAGALOMBILI abahlungiwe kwabangu-36 abebegaqele isikhundla sokuba umvikeli womphakathi olandelayo, abazodlulela esigabeni sokuphonswa imibuzo yikomiti lasePhalamende ngenyanga ezayo.
Ibamba loMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka, likulabo abahlungwe yikomiti eliholwa nguMnuz Cyril Xaba, elithungatha umvikeli olandelayo.
Abanye abatonyuliwe o-Advocate Tseliso Thipanyane, Lynn Marais, Oliver Josie noTommy Ntsewa, kanjalo neMantshi u-Johannah Ledwaba, Muvhango Lukhaimane, noSolwazi Boitumelo Mmusinyane.
UThipanyane, osebenza ehhovisi likamengameli wamajaji nguyena ophakanyiswe ngabantu abaningi.
UXaba uthe usuku lokuphonswa kwemibuzo kumele lube phakathi kuka-Agasti 21 kuya ku-25.
Uthe bagcine sebengu-36, besuka ku-38 abantu abahlunge kubona ngoba ababili bahoxe ngaphambi kohlelo lokuhlunga.
Ikomiti elibhekene nalo msebenzi lakhiwe amalungu angu-11 avotayo, nangu-14 angavoti.
Liphela ekupheleni kwenyanga ezayo ihlandla lomvikeli womphakathi leminyaka eyisikhombisa engavuselelwa.
Uqokwa ngumengameli wezwe emva kokuphakamisa kwePhalamende.
Umvikeli olandelayo kumele asekwe ngamalungu angu-267 ukuze kudluliselwe igama lakhe kumengameli.
Amanye amalungu ePhalamende athe kumele kukhethwe umuntu wesilisa njengomvikeli womphakathi olandelayo, ngoba abesifazane ababili abebekulesi sikhundla phambilini.
Abahlungiwe kusazobhekwa kabanzi izinto ezithinta bona ngqo okubalwa neziqu zemfundo.