KUFE abavukuzi abangu-11 kwalimala kabi abangu-75 ngesikhathi kugqashuka ikhebuli yekheshi abebehamba ngayo emgodini wasemayini i-Impala Platinum eRustenburg ngoMsombuluko ntambama ngezithuba zika-4.45.
Le mayini ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kwesehlo.
“Kuyadabukisa ukuthi i i-Implats ibika isigameko esibucayi sezokuphepha okubandakanya intambo yomoya, kwenzeke namhlanje ntambama ohlangothini lwe-shaft 11 e-Impala Rustenburg esifundazweni iNorth West. Ikhebuli eligqashukile yilona elidonsa ikheshi ehambisa abasebenzi emgodini okuyindawo engamaleveli amathathu,” kusho isitatimende.
Kuthiwa abezimo eziphuthumayo bafike ngokushesha bezama ukuhlenga impilo yabasebenzi abalimele kodwa ngeshwa abangu-11 bashonile kwathi abanye balimala kabi.
Kuthiwa abavukuzi abalimele badluliselwe ezibhedlela ezine.
Umphathi omkhulu kule mayini uMnu Nico Muller utshele abezindaba ukuthi kube ngusuku olumuncu kakhulu emlandweni wale mayini.
“Wusuku olumuncu kakhulu emlandweni we-Implats futhi sibuhlungu kakhulu ngempilo elahlekile nalabo abathintekile ngenxa yale ngozi. Sithuke kakhulu ngalokhu okwenzekile kozakwethu,” kusho yena.
Uthi njengamanje basazama ukuxhumana nezihlobo zabashonile ukuze babadlulisele umlayezo walesi sibhicongo esenzekile.
“Sizoyeseka imindeni nozakwabo balaba abadlulile emhlabeni, kanti ngeke sibashiye abasesibhedlela njengoba besemicabangweni yethu kulesi sikhathi sobunzima,” kuqhubeka yena
Inyunyana yabasebenzi abasebenza ngensimbi i-Numsa idlulise amazwi enduduzo emindenini yabavukuzi abadlule emhlabeni kulesi sibhicongo. I-Numsa imele abasebenzi benkontileka ku-shaft 11 lapho kwenzeke khona isigameko.
“Le ngozi ibuhlungu kakhulu futhi isishiya sinemibuzo eminingi mayelana nezempilo nokuphepha. Laba basebenzi abazona izinombolo kuphela kodwa ngabantu laba abondla imindeni yabo, abayithandayo futhi nayo ebathandayo,” kusho le nyunyana ngesitatimende.