SENYUKELE kwabangu-15 isibalo sabantu ababulwe ysifo sohudo eHammanskraal.
Lokhu kudalulwe izolo yiphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, esithangamini nabezindaba ebesihlanganisa iminyango eyehlukene ethintekayo.
Ongqongqoshe beminyango ehlukene, okubalwa owezaManzi, oweZempilo, uMasipala iTshwane neminye bavakashele kule ndawo ngemuva kokusabalala kwesifo sohudo.
UDhlomo uthe njengamanje bangu-41 abantu okuqinisekisiwe ukuthi banecholera kuleli kubo abangu-34 abaseHarmmanskraal. Zonke iziguli ezishonile bezisesibhedlela iJubilee, esikule ndawo.
"Okwamanje siyalele zonke izikhungo zezempilo ukuthi zonke iziguli ezifika ezikhungweni zethu eziphethwe yizisu zithathwe njengezinecholera uma singakahlonzwa ukuze zithole ukwelashwa okuphuthumayo," kusho uDhlomo.
Onguzakwabo eGauteng, uNkk Nomantu Nkomo- Ralehoko, uthe sekuhlelwe amawodi amabili azobhekana neziguli ezinehhudo esibhedlela, iHammanskraal.
Kusolwa ukuthi ukusabalala kwesifo kudalwe amanzi angahlanzekile aphuzwe wumphakathi.
IPhini likaNgqongqoshe wezaManzi nokuthuthwa kweNdle, uMnuz David Mahlobo, lithe liyazi ukuthi kusolwa ukuthi abantu bakule ndawo baphuze amanzi anezinsalela eziphezulu ze-Ecoli. Wengeza ngokuthi kusolwa umnyango ngokungalulungisi udaba lokuthi umphakathi uthole amanzi ahlanzekile yize kwaziwa ngo-2020, ukuthi ezinye izikhungo ezihlanza amanzi aphakela umphakathi wakule ndawo aziwahlanzisisi.
Uthe umnyango noMasipala iTshwane, benza amasu nemigomo okumele ilandelwe ukuze kulungiswe inkinga kodwa umasipala ubungawalandeli amasu, kwaze kwaba umnyango uwufaka enkantolo.
"Ukushintshwa njalo kobuholi kulo masipala ngenxa yezinkinga zokubusa ngokubambisana kwamaqembu nakho kwengeze izinkinga zokungaxazululeki kodaba lwamanzi. Zintathu izinhlelo zamanzi eziphakela umphakathi ohlala eTshwane ngamanzi iRand Water, iMagalies Water noMasipala iTshwane. Uhlelo lweTemba oluphakela enye ingxenye ngeke silubale ngoba umphakathi watshelwa ukuthi ungawaphuzi amanzi aphuma kompompi kodwa ungawasebenzisela ezinye izinto. Amanzi aphuzwayo uwalethelwa amaloli athwala amanzi," kuchaza uMahlobo.
wengeze ngokuthi amanzi alethwa ngamaloli akhiwa ezikhungweni ezinamanzi ahlanzekile, athelwe emathangeni agxunyekwe emphakathini.
Uqhube wathi kunethimba lizophenya ukuthi amanzi angahlanzekile aphuzwe umphakathi abekwe kuphi nokuthi kube yiphutha likabani ukuthi amanzi angahlanzekile agcine esephuzwa umphakathi.
Ilungu lekomiti lemeya kuMasipala waseTshwane, uMnuz Themba Fosi, lithe imiphumela yokuhlolwa kwamanzi yakamuva iveze ukuthi amanzi aphuma eMagalies, iRand neTemba Water awanazo izinsalela zegciwane elidala icholera.