NKOSIKHONA CELE
KUBE ongaphansi nongaphezulu phakathi kwabefundisi bebandla laseZayoni, uKuphila KwaMakhristu bebanga umnikelo wabazalwane.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto isigameko sishiye amalungu ebandla eliseSteadville, eMnambithi, ebambe ongezansi ezizwa ehlazekile.
Umthombo oyilungu lebandla obukhona ngesikhathi sesigameko uthi bekuwusuku nje olujwayelekile, kwakhonzwa kwaqedwa kwathi sekunomhlangano wabaholi obuzosheshe uphele, inhloko yebandla uMbhishobhi Zimele Zikhali, wabuza ukuthi umnikelo ugcine kubani.
Kuthiwa unobhala webandla uwukhombe kuMfundisi Zenzele Chagwe.
"Kuthe uma uZikhali ebuza uChagwe ngomnikelo wathukuthela wathelwa ngamanzi. Sithe sonke sisaxakwa ukuthi yini emthukuthelisayo wabuza uZikhali ukuthi kanti umnikelo webandla ngowokondla umndeni wakhe kuphela yini?,''kuchaza umthombo.
Kuthiwa kumnengile lokhu uZikhali watshela uChagwe ukuthi akazithobe futhi angazami ukuba yindlavini kuyena ngoba ungumholi wakhe.
"Yize uZikhali ebezama ukukhuluma kahle noChagwe kodwa ubenqaba ukumnikeza umnikelo ethi uya emndenini wakhe namhlanje. Ngaleso sikhathi ubewuphethe ngembenge umnikelo uChagwe. Kuthe uma uZikhali esondela eduze kwawo, uChagwe wamdudula kabuhlungu,''kulandisa umthombo.
Ngemuva kwalokho kuthiwa uZikhali ucasuke kakhulu wamgxaza uChagwe wamfaka isibhakela. Waphindisela uChagwe, kwasuka esinamandla, namakholwa esememeza ebabaza.
"Kuze kwalamula abazalwane kubonakala ukuthi isimo sibi kakhulu phakathi kwabo. Imali yomnikelo ugcine eyidubile uZikhali wahamba nayo uChagwe,'' kusho umthombo.
Kuvela ukuthi imali yomnikelo yangalolu suku ibingu-R7 500. Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uChagwe uyiPhini likaZikhali ebandleni.
UZikhali umsunguli webandla kodwa ngesikhathi eliphemba wayelekelelwa kakhulu nguChagwe.
Ethintwa ngalolu daba uZikhali uthe kuyadumaza ukuthi kunamalungu ebandla asegijime athatha lolu daba ayoluneka emaphephandabeni. Utshele intatheli ukuthi ayihlukane naye, uma ifuna ukwazi okuningi ayibuyele kuloyo oveze udaba.
Ngakolunye uhlangothi uChagwe ugeqe amagula echaza uZikhali njengogombelakwesakhe. Uthe ngesikhathi uZikhali esungula ibandla wamthembisa ukuthi bazolihola bobabili babambisane.
Wamthembisa nokuthi kukhona ayomhlephulela khona emnikeleweni wamakholwa. Uthi manje sekuphele iminyaka ewu-10 ibandla lasungulwa uZikhali imali uyitamuza yedwa nomndeni wakhe.
"Umkami kwayena manje ungibiza ngendoda eyisithithithi edlala enye indoda. Lo muntu akaze nangelilodwa ilanga angihlephulele okuncane,'' kubalisa uChagwe.
Uveze ukuthi akaboni ukuthi usazophinde abuyele kuleli bandla. Ukuqinisekisile ukuthi impela umnikelo okuthiwa uhambe nawo, uwuthathile. Uthe mncane kakhulu uma kuqhathaniswa nomnikelo ohlale uthathwa nguZikhali ophila kahle ngenxa yemali yebandla.