NKOSIKHONA CELE
UNDLALELWE yimpi yokungqimuzana kwabazali izolo umcimbi wokuklomelisa abafundi baseZakhele Primary, eClermont, entshonalanga yeTheku.
Le mpi isuswe ukubuyiswa kukathisha obesoleka emacaleni ehlukene okubalwa elokudlwengula, nelokuthuka abazali. Alikho icala lokudlwengulwa avulelwa lona kodwa kwenziwa uphenyo lwangaphakathi.
Kuvela nokuthi uthisha wenzelwe itulo ngoba usha phansi umbango wesikhundla sobuthishanhloko phakathi kwakhe nophethe njengamanje.
Kwesikabhadakazi izolo kunabazali abavuke bayoqhinqa emasangweni esikole bala ukhasha bethi ngeke aze angene esangweni lo thisha.
Ngakolunye uhlangothi kuvela ukuthi kunabanye abazali abakholwa ukuthi uthisha akanacala njengoba noMnyango wezeMfundo esifundazweni umthole emsulwa.
Umthombo obukhona ngesikhathi abazali behluthana ngequpha uthe kube ukufika kukathisha osolwayo kwakhona abazali abavuka umbhejazane, bemxosha. Abanye bebala ukhasha bethi akayi ndawo ngoba akanacala futhi unguthisha weqophelo eliphezulu.
Kusuke lapho ukungaboni ngaso linye kwaba khona ukungqimuzana phakathi kwezinhlangothi ezimbili zabazali abangaboni ngaso linye mayelana nalo thisha.
Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika esikoleni, libone abazali beqhinqe ngaphandle kwesango futhi isimo sesiqashwe ngelokhozi amaphoyisa.
Izintatheli zethamele umhlangano obizwe isigubhukane obukade wenganyelwe ngusihlalo wesigungu sesikole, uMnuz Yomen Cele, nomhloli uNkk Nonhlanhla Msomi.
"Silapha sicasulwe ukubuyiswa kukathisha esikholwa ukuthi bekungafanele ukuthi abuyiswe. Asazi ngampela ukuthi ubuyiswe kanjani umuntu onamacala amangaka,“ kubeka Cele.
Omunye umzali, ozibize ngoNksz Nomusa Cele, ulimise ngesihloko elokuthi abamdingi emagcekeni esikole uthisha. Uchaze lo thisha njengomuntu ozithwele futhi ongabahloniphi abazali nabafundi.
Kulelo phuzu uvunyelwe ngumzali ozibize ngoShange nokuvele ukuthi phambilini uke waba ngusihlalo wesigungu esengamele isikole.
"Lo thisha akazihloniphi yena uqobo kanti nathi akasihloniphi. Akuzange kusiphathe kahle ukuthi asibize ngamaqaba thina njengabazali,'' usho kanjena.
Umhloli uveze ukuthi uthunyelwe uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ebuholini obuphezulu ukuba alethe incwadi egunyaza ukubuyiswa kukathisha.
Usebenzisa amagama esiZulu athi ‘isiphingwe ngenkulu’ ehlose ukuveza ukuthi naye akukho angakwenza uma sekukhulume abangaphezulu kwakhe. UNkk Msomi uqhube wathi kuyadumaza ukuthi lolu dungunyane selugcine luphazamisa nomcimbi omuhle wokuklomelisa abafundi.
"Bekungafanelekile ukuthi lokhu okwenzakayo kugcine sekuphazamisa umcimbi omuhle kangaka wabantwana,'' usho kanje uNkk Msomi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe abakukhuthazi ukuphazamiseka kokufunda ngenxa yodungunyane lwalolu hlobo. Uthe uma abazali benganelisekile ngokubuyiswa kukathisha abasebenzise ezinye izindlela, hhayi ukuvala isango ngoba lokho kuwubugebengu.