KUTATAZELE othisha ngesikhathi abafundi besikole samabanga aphansi iSiyawela esiKwaMdaka, eDannnhouser, bengeniswa esibhedlela bebhonqwa yizisu.
Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ngemva kwezinsolo zokuthi abafundi badle umuthi wokubulala amagundane, okuthiwa bawunikwe ngomunye umfundi obecabanga ukuthi wuswidi.
Umthombo ongaphakathi esikoleni uthi kusolwa ukuthi abafundi abangu-17 abafunda u-grade 6, banikezwe ngomunye umfundi umuthi obungamagengqelana ngoba ubecabanga ukuthi uswidi, badla.
“Abafundi baqale bazibhonqa kungaziwa ukuthi badliwa yini. Bathe badle okuthile abakunikwe omunye umfundi obecabanga ukuthi uswidi, okuthe uthisha obesekilasini elandela wathola umuthi wamagundane obufakwe kuplastiki,” usho kanje umthombo.
Uthe umfundi uveze ukuthi umuthi uwunikezwe omunye umfundi wakwesinye isikole ngoba zisondelene kuthe uma ewuthatha, wase eyokwabelana nozakwabo.
“Kusetshenziswe izimoto zothisha kuphuthunyiswa abafundi emtholampilo oseduze, kwacaca ukuthi nakhona emtholampilo ukuthi ayingangabo. Kwaphoqeleka ukuthi izingane zidluliselwe esibhedlela ngoba bekukubi zaze zadedelwa ntambama. Lokhu kuveza isidingo sokuthi kumele abazali bahlale beqaphile emakhaya bengabeki budedengu izinto ezinobuthi,” usho kanje.
Umthombo uqhuba uthi akekho umfundi oshonile kulesi sigameko bonke bangeniswe badedelwa ngosuku. Kuphoqelekile ngoLwesibili ukuthi umfundi oyedwa aphindele emtholampilo ngoba kubonakala ukuthi usabambekile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe, bewumnyango babikeliwe ngesigameko basebenzisana nabezempilo nabezemvelo ukuthola umsuka oholele esehlakalweni.