UMNYANGO wezeMpilo kuleli unxusa othisha ukuthi bangazinqabeli izingane ezingasigomele isimungumungwane ukuthi zingene ezikoleni.
Lo mnyango uthe abazali bezingane ezingasigomele lesi sifo kumele benze isiqiniseko sokuthi izingane zabo ziyagonywa.
Isimungumungwane sitholakala ngokusondelana nomunye umuntu onaso kanti sisabalala kalula. Njengoba sezivuliwe izikole ezifundazweni ezimaphakathi nezwe, uMnuz Foster Mohale, uthe nakuba othisha kungamele babavimbele abafundi abangasigomele lesi sifo kodwa labo abanezimpawu, kumele kubizwe abazali babo bahambise ezikhungweni zezempilo bayohlolwa, uma kumele bagonywe basizwe. Isimungumungwane sibheduke esifundazweni iLimpopo ngo-Okthoba manje sesisabalele ezifundazweni ezihlanu.
Isikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo kuleli iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) siqale umkhakhaso wokuhlolela lesi sifo, siphinde sikhuthaze umphakathi ukuthi uhambise izingane ezeqe imigomo emitholampilo ziyosigomela.
Lesi sifo sibheduke eLimpopo ngo-Okthoba manje sesitholakala ezifundeni okubalwa kuzo iGauteng, Mpumalanga, North West neFree State.
Umgomo walesi sifo unikezwa izingane ezinezinyanga eziyisithupha kuya kwezinonyaka kodwa iNICD ithe izingane ezingasigomelanga lesi sifo aziphuthume emitholampilo ziyogoma.
Ukuhlasela kweCovid-19 kuleli kuhlonzwa njengenye yezinto eziholele ekutheni kwehle ukugonywa kwezingane emhlabeni.Ihlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) ngo-2021 ilinganisela ekutheni bangu-9 million abantu abahaqwe yisimungumungwane emhlabeni ngalo nyaka, kubo kwashona abangu-128 000.
Umqondisi weWHO emhlabeni, uDkt Tedros Ghebhreyesus, uthe ngalesi sikhathi kuhlasele iCovid-19 ziningi zingane ezingakwazanga ukulandela uhlelo lwazo lokugoma okuholele ekutheni kubheduke izifo ebezingagwemeka ukube bezigomile.