LINGAVUNA okuhle nokubi izwe lethu ngemva kokugadla kwethimba labameli bakuleli eNkantolo yoMhlaba (International Criminal Court) e-The Hague, ngenxa yobucayi bodaba obeludingidwa.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, uhole ithimba lezingqalabutho zabameli abebemele iNingizimu Afrika, ecaleni ebelidingidwa eHague, eNetherlands.
INingizimu Afrika imangalele i-Israel, iyisola ngokubhubhisa abantu basePalestine, ngaphansi kwezinhloso zokucwasa nokubandlulula. Impi okumanje isatholene phezulu isishiye inqwaba yabantu enkundleni. Izwe lethu kalihlonizi ngokuthi lizwelana nePalestine.
Impi iqubuka ngesikhathi kusazanywa ukubhula umlilo phakathi weRussia, ne-Ukraine onomthelela omubi nakwamanye amazwe.
Impi iqale ngo-Okthoba 2023, lapho okufe abantu futhi idonse amehlo omhlaba kanti iyehlukana imibono yamazwe ngoba aseka izinhlangoti ezehlukene.
Ngaphambi kokuthi izwe limangalele i-Israel, kwaqala ngokuthi i-ANC iphumele obala ihole umkhankaso wokuzwelana nePalestine. Yabonakala ifake izikhafu zakhona isabalalisa imiyalezo nezithombe zokuzwelana nayo.
INingizimu Afrika ididiyele ithimba lezingqalabutho zabameli elifike lagadla kwezwakala, lethula udaba eNkantolo yoMhlaba. Bekuduma inhlokomo ezingxenyeni ezehlukene zezwe kubatshazwa ubuyoninco nesisoka sethimba labameli bakuleli.
Kubonakale ngenhlokomo abahlangatshezwe ngayo abameli sebefika kuleli esikhumulweni sezindiza. Bamukelwe njengamaqhawe ashaye into ecokeme eHague, abeka igama lezwe kwelinye izinga.
Wehlulekile ukuzibamba uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, wancoma iqhaza nomsebenzi wethimba.
“Bengiqala ukuzizwa ngiziqhenya kangaka ngesikhathi ngibuka ithimba labameli bethu lethula udaba enkantolo. Ngivele ngaziqhenya ngensizwa yaseMpumalanga uLamola ngesikhathi ngiyibona yethula udaba enkantolo,’’ kuphawula uRamaphosa.
Umengameli uqhube wathi izwe lenza lokho elakufundiswa ngumengameli wokuqala omnyama uMnuz Nelson Mandela, owayeshumayela ivangeli lokuthula noxolo ngaso sonke isikhathi.
Bangobani abameli abebemele elakuleli?
Kukhona u-Advovate Tembeka Ngcukaitobi SC, ongummeli ozakhele igama kwezomthetho wakuleli ngobuyininco bakhe bokunqoba amacala. Ungummeli ogxile kwezomthethosisekelo. Unentshisekelo kakhulu ngodaba lomhlaba nokubuyiselwa kwawo ebantu abafanele futhi useze washicilela incwadi ngaleso sihloko.
Kukhona uSolwazi Max du Plessis, ongungoti womthetho wamazwe omhlaba ogxile eCantham House, eLondon. Ubuye alekelele ezikhungweni zemfundo ephakeme njengaseNyuvesi iCape Town, naseNyuvesi iNelson Mandela. Ubuye abambe iqhaza esikhungweni i-Institute for Security Studies, esihlonishwa kakhulu kwezocwaningo ngezokuphepha nobugebengu.
Useke wasebenza emacaleni aseNkantolo yoMhlaba, African Commission on Human and People’s Rights, SADC Tribunal, ne-East African Court of Justice.
Kukhona uNksz Lerato Zikalala, osebenze eNkantolo yoMthethosisekelo. Ugxile kwezomthetho wokusebenza kukahulumeni nokuzimela. Unentshisekelo ngomthethosisekelo nezokuphatha.
Kukhona uNkk Sarah Pudifin -Jones, ongumhleli wencwadi ekhuluma ngamacala ombango. Ubhala kakhulu kwezomthetho nasemabhukwini ashicilelwayo. Ugxile kwezomthethosisekelo, ezokuphatha, ukuncintisana, ezezimali nomthetho wamazwe ngamazwe.
Kukhona uMnuz Tshidiso Ramogale, ogxile emthethweni wezinkontileka nezokuncintisana, umthetho kahulumeni nemigomo. Usebenze emacaleni aphezulu ezinkantolo ezehlukene.
USolwazi Vaughan Lowe, ongummeli ohlonishwayo ogxile kwezomthetho wamazwe ahlukene kanti usebenze kakhulu eNkantolo yoMhlaba. Usebenze kwi-European Court of Human Rights. Ubuye afundise ezomthetho eNyuvesi i-Oxford.
Kukhona uNksz Blinne Ní Ghrálaigh, osebenza ngomthetho wamazwe. Usebenze kakhulu eNkantolo yoMhlaba futhi unetshisekelo yokuvikela amalungelo abantu.
Kufanele ukuthi iNingizimu Afriika, ilindele ukuthi igxathu layo lokumangalela i-Israel, lingaba nomthelela othize. Okokuqala nje abaningi basaba ukuthi elakuleli lingase lihlaselwe noma lifakwe unswinyo.
URamaphosa uke waphawula ngalokhu wathi akanalo uvalo lokuthi kungase kube nonswinyo kwezohwebo. Wathi elakuleli limile ekutheni i-Israel, kufanele ithweswe amacala okubulawa kwabantu ngenxa yokubacwasa.
Ngaphandle kwalokhu konswinyo kungaqhamuka nokunye okuhle ngoba iNingizimu Afrika, izibeke ebalazweni lomhlaba ngegxathu elithathile elikhombise isibindi. Kungenzeka kube namazwe abuka elakuleli njengezwe elinohlonze kube lula noma sekuyoshela abatshalizimali bakhona.
Isinqumo seNingizimu Afrika sesekwe ngamanye amaqembu aphikisayo anezwi njenge-EFF. Ithe incoma uhulumeni wakuleli ngegxathu alithathile. Ithe nayo iyazwelana nabasePalestine, yabachaza ngokuthi bacindezelwe yi-Israel.
“Kuyigxathu elihle lokulwela amalungelo abantu ngoba kunenqwaba yabantu bakwa-Israel abafile okubalwa nezingane lapho. Laba bantu banesihluku bahlasela ngamabhomu anzima besebenzisa nezikhali zembubhiso,’’ kusho i-EFF.
Ikhale ngokuthi i-Israel, kayihloniphi ngisho inkululeko yabezindaba ngoba ibulala nezintatheli ezicoshelayo. I-EFF ithe iNingizimu Afrika, ihlasele ngamaphuzu azwakalayo uma icela inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi kumiswe ukuhlasela kwe-Israel.
Ngaphandle kwalokhu, i-EFF ike yamashela ezindlini zenxusa lase-Israel, ifuna ukuthi kumiswe ukuhwebelana nezinkampani zakhona.
Indlela ithimba lakuleli elisebenze ngayo, kuyacaca ukuthi noma ngabe inkantolo ivuna noma ilahla bani ngecala kodwa kuyosala umsizilo. Elakuleli selingenile emabhukwini omlando womhlaba.
Uma izwe lingase liqhubeke nokusingatha izindaba zomhlaba kanje, kuningi okuhle elingakuzuza kodwa nawo amagabade abheke ngakulona, azohlala ekhona.