UQINE idolo umphakathi waKwaMandlakazi, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uqine idolo ngesikhathi kwethulwa uhlelo oluzoxazulula inkinga yamanzi kule ndawo.
Yethula uhlelo iMeya kaMasipala wesiFunda iZululand, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ithe kuklanywe uR235 million okhishwe wumnyango wezaManzi, ozosiza ekuxazululeni inkinga yamanzi emawadini ayisishiyagalombili endaweni.
Ilungu lomphakathi uMnuz Bhekokuhle Myeni, lithe sekuyiminyaka bebhekene nenkinga yamanzi kepha abakholwa wukuthi okuthenjiswe yimeya, kuzothela izithelo ngokushesha.
“Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi abaqali ukufika bezosithembisa ukulungisa le nkinga, baqede lapho banyamalale isikhathi eside, bangabe besasazisa ukuthi yini ebambile ukuthi izinto zingalungi.
“Kodwa sisenalo ithemba lokuthi kuzolungiseka ngoba baze basikhombisa nosonkontileka abazoqhuba uhlelo lokuxazulula le nkinga esibhekene nayo,” kusho uMyeni.
Elinye ilungu lomphakathi eselikhulile lakule ndawo uNkk Noma Ntombela, lithe ngendlela okunzima ngakhona baze baphoqeleke ukuwathenga amanzi kulabo abanawo, kanti baqhele kakhulu kunalapho bona bakhele khona.
“Ngakho sifisa ukuthi konke okushiwo kwenzeke ngokushesha ukuze sikwazi ukuphila ngokukhululeka,” kuchaza uNkk Ntombela.
Ichaza ngohlelo imeya ithe: “Sihlonze osonkontileka abane abengamele uhlelo lokulungisa amanzi kule ndawo. Kanti yinto esesivele siqalile ukuyenza, kusuka sithole imali esayinikwa wumnyango usilekelela ngoba ubona umsebenzi esiwenzayo ukusiza umphakathi osakhele.
“Osonkontileka esisebenza nabo yiNRB Piping System eklanyelwe uR21.7 million wokuxhuma amapayipi azophakela imizi ewu-3 487, kube iSun Rights eklanyelwe uR79 million wokufaka amapayipi amanzi emizini ewu-1 152.
“Owesithathu yi-Akwande Civils ebekelwe uR33 million wokufaka ompompi kuyo yonke imizi ezofakelwa amanzi, bese kuba yi-Afro Structures esiqalile ukuxhuma ipayipi elikhulu elisuka iJozini Dam, okuyilona elizosiza ukuphakela umphakathi waKwaMandlakazi – okuwumsebenzi ozodla uR249 million.”
Lolu hlelo kuthiwa luzosiza ekudaleni amathuba omsebenzi kubantu abasha abangu-200 kwaMandlakazi, nezindawo ezakhelene nayo.