ZINGU-900 izikole ezingakabi nawo amathoyilethi asesimeni esamukelekile kuleli.
Lokhu kushiwo inhloko yoMnyango weMfundo eyiSisekelo kuleli, uMnuz Mathanzima Mweli, izolo esithangamini nabezindaba salo mnyango.
UMweli uthe ngaphambi kokuthi umnyango uqale uhlelo iSanitation Appropriate for Education (Safe) olwethulwa umengameli wakuleli eminyakeni emihlanu eyedlule zazingu-3898 izikole ezingenawo amathoyilethi asesimeni, ezinye zazingenawo nhlobo ezinye zinawomgodi.
Selokhu luqalile lolu hlelo zingu-2400 esezilungisiwe kusetshenziswa imali ekhishwe umengameli yalolu hlelo.
UMweli uthe ngaphandle kwalolu hlelo umnyango unolunye futhi uhlelo olwaziwa nge-Accelerated Schools Infrastructure Delivery initiative (Asidi) olwaqala ngo-2011 okwakuhlelwe ukuthi kulungiswe izikole ezingu-331 ezingekho esimeni okungaba izikole ezakhiwe ngodaka, ezingenawo ugesi, amanzi, amathoyilethi asesimeni nezingabiyiwe. Ngalo uthe sekulungiswe ezingu-315.
"Inhlosongqangi yomnyango ukwenza imigomo ebhekele ukufunda nokufundisa ezikoleni kodwa lokho ngeke kwenzeka kahle uma kusanezingqinamba ezinjengalezi ezikoleni," kusho uMweli.
Uthe iSafe kwakuhlelwe ukuthi iphothulwe okupheleni konyaka wezimali u-2022-2023 futhi banethemba lokuthi lokhu kuzokwenzeka.
"Njengamanje asikho isikole esingenalo ithoyilethi othola ukuthi othisha nabafundi bazikhulula esigangeni. Uma amathoyilethi engekho sibeka angomahamba nendlwana kube kusakhiwa azohlala isikhathi eside," kusho uMweli.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uNkk Angie Motshekga, uthe izikole esezilungisiwe ngalezi zinhlelo ezasesifundazweni, iKwaZulu-Natal, iLimpopo ne-Eastern Cape.
Uthe ukushona kwabafundi bephonseka emathoyilethi emigodi kwenza kubukeke sengathi umnyango awunakekeli kanti kwesinye isikhathi kusuke kungelona iphutha lawo, njengokomfundi wakamuva oshone e-Eastern Cape muva nje owatholakala estamkokweni sethoyilethi elidala ekubeni likhona elisha.
Uthe lolu daba lusaphenywa ngoba amathoyilethi asesimeni akhona kulesi sikole akwaziwa ukuthi amadala ayengadilizwanga ngani.
UMweli uthe nakuba uMnyango kukhona okwenze kahle odabeni lokuphathwa kwezinkulisa awukenzi kahle njengoba usanda kuziphatha.
"I-Asidi ibanjezelwe izinkinga zosonkontileka abathatha isikhathi eside ukuze baqede umsebenzi nezinselelo zokuphathwa kwezinhlelo zokwakhiwa kwezikole khona emnyangweni," kusho uMweli.