UMNDENI uphathwe kabi yisenzo sofakazi ababili boMbuso abangasafuni ukufakaza ecaleni lokubulawa kwesihlobo sawo okwaboshwa iphoyisa ngalo.
Iphoyisa uSergeant Sibonelo Shabangu, usolwa ngokudubula ngoyaba lwezinhlamvu, kwashona uMnuz Qaphela Mdima eCasablanca Lifestyle, eMolweni eThekwini.
Isigameko senzeka ngoNovemba 2020 kanti uShabangu ungaphandle ngebheyili kaR5 000.
UMbuso uthe ofakazi oMnuz Mandla Dlamini no-Ayanda Ngcobo, abasafuni ukufakaza, babeka izizathu ezingabambeki okwenze inkantolo yeMantshi yasePinetown yabaxwayisa yathi kumele bafakaze.
Umfowabo kaMdima, uMnuz Qiniso Mdima uthe asibaphethe kahle isenzo salabo fakazi abangafuni ukuphumela obala ngokuthi sebefumbathisiwe noma bayasatshiswa.
“Abaphumele obala enkantolo basho ukuthi umsolwa wenzani ukuze ibheyili yakhe ihoxiswe. Abachaze ukuthi yini esibajikisa ekutheni bangafuni ukufakaza,” kusho uMdima.
Uqhube wathi ukhona ufakazi igama lakhe okunguMnuz Njabulo Ngcobo, osewabethula ubufakazi.
Uthe sekusele ukuthi uDlamini noNgcobo bethule obabo ubufakazi kodwa sebelokhu benza izinto zabo.
UMdima uthe uNjabulo wayekhona kubulawa umfowabo futhi wezwa amagama ayekade ephinyiswa uShabangu ngesikhathi efayela ngenhlamvu.
“Wachaza nokuthi wamdubula kuphi futhi kwaqala kanjani,” usho kanje.
Ukhale ngokwashiwo uShabangu owathi wadubula umfowabo ngoba wayezitshela ukuthi uhosha isibhamu enqulwini ngesikhathi ekhuluma naye.
“Ukhuluma amanga (uShabangu) ngoba uma ungena eCasa uyaseshwa. Uma uya khona awungeni notshwala noma uphuma bayakubuza ukuthi uyabuya. Uma ubuya bakutshela ukuthi bushiye, onogada bakugadele bona, uhambe uwuwena ubuye usuzobuthatha,” kuchaza uMdima.
Ubuze ukuthi umfowabo wayesithathaphi isibhamu esishiwo uShabangu ngoba wayeziphathele ifoni ngesandla sakhe sakwesokudla.
Uqhube wathi wayesele ngaphakathi umfowabo edutshulwa ngaphandle esanda kuthenga utshwala.
Kunemibiko ethi uShabangu wabulala uMdima ngoba wayekade encike emotweni yakhe ngaphandle kwaseCasablanca.
Kuthiwa umufi wadutshulwa amahlandla ayisithupha, okuyikanye esiphongweni nakasihlanu emhlane. Washiya abantwana abahlanu emhlabeni.