BAJABHISWE yisinqumo senkantolo esifana noswazi oluncane okushaywe ngalo izelamani zakwaGovender, uDylan, nomfowabo uNed. Bobabili bebesolwa ngokubulala abantu ngezibhelu zangoJulayi 2021, ePhoenix.
NgoLwesihlanu iNkantolo eNkulu eThekwini, igwebe izelamani iminyaka eyisikhombisa ngecala lokuzama ukubulala uMxolisi Putuzo.
Libalahlile necala lokushaya ngenhloso yokulimaza labagweba iminyaka emithathu. Bagwetshwe unyaka owodwa ngecala lokushaya. UKruger uthe isigwebo asikhiphile uhlanganise bonke ubufakazi obethulwe ngaphambili selokhu icala laqala ukuqulwa.
UMnuz Mongezi Thwala, onguSihlalo we-EFF KwaZulu- Natal, ulimise ngesihloko elokuthi abagculisekile ngoswazi oluncane olunikezwe izelamani. Uthe baningi kakhulu abantu ababulawa ePhoenix, ngesikhathi sezibhelu futhi kusetshenziswa unya.
Wathi bayazibuza ukuthi bashawa kanjani ngoswazi oluncane abantu abakhombisa isihluku esingaka.
"Thina sikholwa ukuthi iJaji lisebenzise uswazi oluncane kakhulu ukujezisa izelamani zakwaGovender. Asigculisekile nje,'' usho kanje uThwala.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini iJaji uKruger, lathola bushoda ubufakazi boMbuso ekulahleni ngecala oGovender lokubulala uNkululeko Mangwe.
Labakhipha phambili ecaleni lokuzama ukubulala umfundi kamatric uMondli Majola (19), ngenxa yokushoda kobufakazi.
UMbuso walihoxisa icala lokuzama ukubulala uQaphelani Mkhovu, owawulithweswe izelamani wathi umufi washona kwesinye isigameko esingahlobene nezibhelu.
UMnuz Chris Biyela, onguSihlalo wekomiti elikhuthaza ukuthula kwiPink Area okuyizindawo ezihlanganisa iPhoenix, iNanda, iNtuzuma naKwaMashu, uthe kabagculisekile ngesigwebo esigixabezwe lezi zelamani.
Uthe bakholwa ukuthi ukube alizange lihoxiswe icala lokubulawa kukaMajola ngabe kukhulunywa olunye udaba oluhlukile nge sigwebo, wathi sincane kakhulu.
"Ukube iJaji alizange lihoxise icala lokubulala ngabe namhlanje asikhulumi ngalolu swazi oluncane kangaka olunikezwe izelamani. Asigculisekile neze ngalesi sigwebo,'' usho kanje uBiyela.
Yize ezwakalise ukungenami nokungagculiseki kodwa uthe kungcono ngoba kukhona abazobhadla ejele ngecala lokubulawa kwabantu ngesikhathu sezibhelu.
Ubuze ukuthi baphi abanye abantu ababulala abantu ePhoenix?
"Phela iqiniso lithi bangu-36 sebe bonke abantu ababulawa ePhoenix, ngezibhelu. Siyafisa ukwazi ukuthi baphi abanye ngoba nabo kumele ngabe bayaboshwa,'' ubuze kanje uBiyela.
UMshushisi u-Advocate Bonginkosi Mbokazi, unxuse uKruger ukuba agwebe abamangalelwa. Wathi lokho kuyodlulisa umyalezo ocace bha, kubona bonke abantu abanenhlese yobandlululo.
"Esikhathini esiphila kusona asibadingi abantu abanjenga laba. Uma begwetshwa lokho kuyodlulisa umyalezo nakulabo abacabanga ukwenza lokhu okwenziwe ngabenzi bokubi,'' kuchaza uMshushisi.
Ummeli wabasolwa u-Advocate Carl Van Der Merwe SC, uzamile ukunxusa ukuthi izelamani zakwaGovender, ukuba zingagwetshwa.