KUGQAME usizi lokweswela amanzi kubantu baseMhlumayo, eMnambithi, abathole ithuba lokwethula izikhalo zabo kuMengameli Cyril Ramaphosa.
UMengameli ubesenkundleni yezemidlalo Oqungwini, eMhlumayo eMnambithi, ohambweni olubizwa ngokuthi Imbizo kaMengameli.
Umphakathi ubugcwele phama etendeni kusha ingoma kudanswa, kuculwa, kusinwa. Babodwa abebekikiza, bemukela uRamaphosa obelindwe isikhathi eside.
Imbizo kaMengameli isuke inika abantu ithuba lokubeka izikhalo zabo zonke kumengameli. Udaba lwamanzi lube yindaba egudwini eMhlumayo abantu becela ukuthi luphuthunyiswe.
Indaba iqalwe yiMeya yesifunda, inkosi Ntandoyenkosi Shabalala, ethe ikhuluma yathinta olwamanzi kwahhomuzela itende belokhu bethi abantu ‘azofika nini’.
Ilungu lomphakathi uNksz Nompilo Vilakazi, lithe lifisa kuphuthunyiswe amanzi.
“Amanzi nje thina asiwazi nhlobo, sesihlupheke kakhulu Mengameli siyacela nisilekelele,’’ kusho uNksz Vilakazi.
UNkk Khulekelwa Ndimande uthe zintathu izinto okufanele zibekwe eqhulwini.
“Yinkinga kagesi, wumgwaqo namanzi, sifisa kulungiswe ngokushesha,’’ kusho uNkk Ndimande. Kuvele nezikhalo ngendaba yobugebengu obudla lubi endaweni.
Kunikwe inkosi yendawo uSithole ithuba nayo yancoma ukuthi intuthuko ikhona kodwa amanzi kabawazi nhlobo endaweni.
“Siyabonga Mengameli okuningi siyakubona kuyalunga akusefani nasekuqaleni. Amanzi asiwaphuzi nhlobo kule ndawo. Siyacela ukuthi kulungiswe ngiyajabula ukuthi uNgqongqosshe uSenzo Mchunu uyezwa futhi uyavuma,’’ kusho inkosi uSithole.
Kukhulume noNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, okhulume kabanzi ngodaba lwamanzi wathi kufanele kushintshe ukwenza.
Uthe ucela ukuthi uMnyango waManzi neNhlanzeko kuzwelonke wehle uzozibambela wona odabeni lwamanzi. Uthe uyafisa kuphele ukuthi kunikwe omasipala imali ngoba akuqondakali ukuthi isebenza kanjani.
Amalungu omphakathi asebenzise ithuba aceba amakhansela athi agcina ngokuwabona uma ekhankasa emuva kwalokho ahambela kude. URamaphosa uphendulile kuzo zonke izikhalo wathi bazokwenza okusemandleni ukuthi kulungiswe.