IZIFUNDISWA zituse umholi weBlack Consiousness Movement (BCM), uSteve Biko, ngokulwela ikusasa labantu ayengabazi ukuthi bayoke bazalwe. Izifundiswa zishiyelane inkundla ngesikhathi kukhunjulwa uBiko kuleli sonto, eNyuvesi iKwaZulu-Natal.
Isishoshovu somzabalazo esinguBiko, sashonela ezandleni zamaphoyisa ngoSepthemba 1977, emuva kokushawa kabi siphekwa ngemibuzo. UBiko owayedabuka e-Eastern Cape, uyahlonishwa ngeqhaza lakhe kwezomzabalazo wenkululeko yabantu abamnyama. Ukubulawa kwakhe kwethusa abaningi emhlabeni kwagqamisa isihluku sikahulumeni wobandlululo kuleli.
USolwazi Lewis Gordon waseNyuvesi iConnecticut, e-USA, ukhulume kabanzi ngoBiko ethi kufanele abongwe.
“UBiko wayezinikele ngokweqiniso kwezepolitiki, wayekhathazekile ngekusasa nokuphila kwabantu ngendlela efanele. Siyambonga ngokusebenzela ngisho abantu ayengabazi, yingakho simkhumbula namuhla. Wayengasazi ngisho ukusazi, ngesikhathi esaphila,’’ kubeka uGordon.
Esinye isifundiswa sase-UKZN uSolwazi Federico Settler, sinanele inkulumo ngoBiko. USettler uthe uke wafunda incwadi kaBiko ethi I write What I Like, wamangazwa yindlela ayenamathele ngayo embonweni wokuzazi nokuzigqaja kwabamnyama.
“Ngimangazwa wukuthi izikhathi eziningi wayekhuluma ngokuziqgaja kwabamnyama ekubelesela yonke indawo noma ngabe kuhlangenwe ngezombusazwe, izinkondlo, kuyadliwa, kuyaphuzwa,’’ kusho uSettler.