UFANISWE nenkanyezi ekhanyisele wonke umuntu umethuli wezinhlelo kuSABC obebuye abe ngumfundi wezindaba kwiMetro FM, uPearl Shongwe (35), obekwe endaweni yakhe yokugcina izolo. Umufi ubegqame ngohlelo iDaily Thetha kuSABC1.
Utholakale eshonile ngeledlule endlini yakhe ePolo Fields, eMidrands eGauteng. Kanti izolo inkonzo yokumfihla ibiseWelfare Centre, eSoweto.
Ibihanjelwe yinqwaba yamakholwa ebandla leZayoni okuyinkonzo yomndeni wakhe. Abomndeni banikwe ithuba elithe xaxa lokuthi bazenelise ngendodakazi yabo eshone isencane. Udadewabo kamufi, uNonhlanhla Shongwe uthi umagcina wakwabo wacaca esemncane ukuthi wayezokhula abe ngumuntu ogqamile.
“Angikulungele ukuvalelisa kuyena njengamanje, bengimbiza ngothunjana ngoba nguyena owokugcina kwethu. Kwabonakala esakhula nje ukuthi uzoba yinkanyezi ngoba phela izingane uma zizelwe ziba namathalente ahlukene,’’ kusho uNonhlanhla. Umbonge kakhulu umufi ngokuba nothando lomndeni nokuba ngumuntu onakekelayo.
Uzakwabo kamufi emsebenzini kwiMetro FM, uMo Flava, umchaze njengomuntu obeyisimanga.
“Ubeyinkanyezi yangempela uPearl ubengagcini ngokuthi aqhakaze yena kuphela kodwa uma esebenza nawe ubekusiza ukhanye. Sazana kudala naye, ubengumngani wami sixoxa futhi ungisizile ukuthi ngiqhakaze,’’ kusho uMo Flava.
UMnuz Thando Mxoli, osophikweni lwezindaba zeSABC, uthe ngesikhathi ehlangana nomufi wabona ukuthi unekhono eliyisimanga. Uthe waze weqa umthetho wamfaka emoyeni engenayo inkontileka esayiniwe.
“Bathi abaphathi bami uma bengithethisa ngababuza ukuthi kodwa bambona kanjani bona. Banqobeka, bathi impela unekhono eliyisimanga. Usheshe wasishiya kodwa umsebenzi awenzile mkhulu kakhulu. Ubethanda abantu futhi ubebanika ithemba abakhathazekile,’’ kusho uMxoli.