BASALE bemangele emva kokuthi owesilisa ongumakhelwane egwaza ebulala ilungu lomndeni wabo esehlakalweni esenzeke KwaVimbukhalo, eNdwedwe, ngoMsombuluko.
Kuthiwa uMnuz Siyabonga Blose (36) uphelele egcekeni emva kokugwazwa umsolwa inxeba elilodwa enhliziyweni.
Ngokusho kukamamkhulu wakhe, uNkk Sebenzile Ximba, obekhona ngesikhathi umufi ehlaselwa, baqale bangazitshela ukuthi umsolwa uzombulala ngempela umufi njengoba ebesho.
“Ngendlela imindeni yethu ekhonzene ngayo, singomakhelwane abasondelene kakhulu. Uma omunye nomunye enze izinkukhwana, asilenzi iphutha, siyahambelana,” kuchaza uNkk Ximba.
Elandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko, uthe umsolwa ufike wabuza umufi ukuthi uphi.
“Uthe namuhla uzombulala, futhi ufuna ukumbulalela kubo,” kusho uNkk Ximba, othe bamtshela ukuthi umufi akekho, nakhona bengazitsheli ukuthi uqinisile.
Uveze ukuthi kwaphinde kwafika nonina kamufi nodadewabo, bethi bazomkhuza ukuthi angayenzi into embi.
“Umufi wafika kukhulunywa, wabuza ukuthi wezwa kuphathwa igama lakhe kwenzenjani, umsolwa wagxuma wahlala embuza ukuthi uyibulaleleni iselula yakhe. Akabange esakwazi ukuphendula ngoba uvele wamgwaza ngempela,” kusho yena.
Uveze ukuthi umndeni wonke, okamsolwa nomphakathi umangele ngoba bebengayilindele into efana nale.
Uthe emva kwesigameko bakhethe ukuthula, bayeke amaphoyisa asebenze.
“Uboshiwe umsolwa. Siwumndeni sikhethe ukungathathi ngezinhliziyo,” kusho uNkk Ximba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNsuze abophe owesilisa ngecala lokubulala umakhelwane.
“Uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze, uzophinde avele ngoLwesithathu oluzayo esecela ibheyili. Umsolwa usagqunywe esitokisini,” kusho uConst Ngcobo.