UMMELI odume ngokulwela abampofu uMnuz Richard Spoor, ufake icala enkantolo emangalela izinkampani zamalahle ngezinsolo zokuthi zigulisa abantu.
Kuleli cala iRichard Spoor Incorporated (RSI), okuyinkampani kaSpoor, imangalele iSouth32, BHP Billiton neSeriti Power.
Izinkampani zisolwa ngokuba nomthelela ekutheni abasebenzi basezimayini baphathwe yisifo samaphaphu.
Icala lizobheka abasebenzi ababesezimayini zamalahle kusukela ngoMashi 12, 1965.
IRSI isebenzisana neSouthern African Catholics Bishops, okuyiyona ecelele ababesebenza ezimayini usizo lwabameli.
Iveze ukuthi ababesebenza ezimayini bashona emuva kokuphathwa yisifo sofuba esihlasela amaphaphu. Lesi sifo bathi sidalwa yizintuli ababezihogela ezimayini.
Esitatimendeni, ophakanyiselwe ukuba nguCardinal, u-Archbishop Stephen Brislin, uveze ukuthi bahlangana abasebenzi basezimayini bahlangana ngo-2014 kuya ku-2015, ngaphansi kohlaka lwabo lwezobulungiswa olubizwa ngeJustice and Peace Commission.
Uthe abasebenzi ababehlangene nabo yilabo ababesebenza ezimayini zaseMpumalanga, naseLimpopo.
“Ababesebenza ezimayini uthola ukuthi abasakwazi ukulwelwa yizinyunyana ngenxa yokuthi sebethathe umhlalaphansi. Lokhu kusho ukuthi abakwazi ukulwa nezimayini ezibanike isifo samaphaphu. Isonto lihlale likhathazekile ngenhlalo yabantu yingakho lisebenzisana nezinkampani zabameli ukuze abantu bathole ubulungiswa. Ezinye izinkampani ziyashesha ukulungisa kodwa ezinye zidinga kuze kuyiwe enkantolo,” kuchaza uBrislin.
Uthe isifo samaphaphu esibangwa yizintuli zamalahle siyavikeleka ngokuthi abasebenzi banikwe impahla yokusebenza ezobavikela kodwa lezi zinkampani azizange zibanikeze abasebenzi leyo mpahla.
Ucele izinkampani ukuthi ziyeke ukubeka inzuzo ngaphambi kwempilo nesithunzi sabasebenzi.
Okwamanje izinkampani ezifakelwe icala zithe zisazobheka amaphepha asenkantolo ngaphambi kokuphendula abezindaba.
USpoor uthe akuzona zodwa lezi zinkampani azozimangalela kodwa nezinye ezazimba amalahle kuleli, basazozilandelela ukuze zinxephezele abasebenzi basezimayini abagulayo noma imindeni yalabo asebashona.