UMNDENI wekhansela kuMasipala waseMsunduzi elisocongwe ngenyanga edlule, uthi kuwukhululile kancane ukulaxaza isicelo okwenziwe ngabasolwa abathathu kuleli cala, abebevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu.
OMnuz Sithembiso Gqirashe (27), Minenhle Mkhulise (23) noLuleka Ntombela (26) babhekene necala lokubulala uMnuz Mabhungu Mkhize (41) obeyikhansela le-ANC e-Unit 14, eMbali.
UMkhize wadutshulwa esemotweni eMbali eMgungundlovu ngo-Agasti, 25 washona esendaweni yesigameko, kwathi umngani wakhe ababenaye emotweni waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okudutshulwa.
Bobathathu abasolwa banqume ukusilaxaza isicelo sebheyili, inkantolo yakuhlehlisela u-Okthoba 19, ukuqulwa kwecala ababhekene nalo.
Ilungu lomndeni wakwaMkhize elingathandanga ukudalulwa elikhulume neSolezwe emva kokuhlehliswa kwecala, lithe ukungasifaki kwabasolwa isicelo sebheyili, kwenza bewumndeni bathole ukuphefumula okungatheni.
“Yize bengasifakanga isicelo sebheyili kodwa sisakhathazekile ngoba okwamanje asikazi ukuthi babethunywe wubani. Siyothola ukududuzeka uma singathola iqiniso eliphelele kodwa sinethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi iqiniso lizogcina livelile,” lisho kanje.
Angu- 17 amakhansela asebulewe esifundazweni iKwaZulu-Natal, esikhathini esiyizinyanga eziyishumi kuphela ezedlule.
Ezibalweni zobugebengu zekota yokuqala yonyaka wezimali u-2023/2024, isiteshi samaphoyisa esiseMgungundlovu i-Plessilaer singesinye seziteshi eziyishumi ezihleli phezulu ngamacala okubulawa kwabantu abikwa kuso.