UHLANGOTHI olweseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini lukwamukele lukhala ukuhlehliswa kwecala lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Leli cala obekuhlelwe ukuthi lilalelwe izinsuku ezintathu lisheshe laguqa emva kokuthi abameli beSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini befake isicelo sokuthi lihlehle.
Inkantolo eNkulu ePitoli ibe isikuhlehlisela u-Okthoba 16 kuya ku-18 ukulalelwa kwecala.
Inkantolo iyalele iSilo uMisuzulu ukuba sikhokhele zonke izindleko ezidalwe ukuhlehliswa kwecala.
Okhulumela uhlangothi olweseka uMntwana uSimakade, uMntwana uMandlakapheli Zulu, uthe bagcine bekhetha ukungasiphikisi isicelo sokuthi kuhlehle icala ngoba besaba ukuthi lokho bekungabambezela kakhulu okunalokhu okuzobambezeleka ngakho ukuqulwa kwecala.
“Ukhumbule ukuthi siphila ngaphansi koMthethosisekelo lapho wonke umuntu enamalungelo. Ukuba besiphikisa isicelo sokuthi kuhlehle icala, inkantolo ivune thina, lolu olunye uhlangothi belungaya kophonsela inselelo leso sinqumo enkantolo yokuDluliswa kwamaCala. Bebengahamba baze bafike enkantolo yoMthethosisekelo.
“Kungathatha neminyaka eminingi ukuthi icala lifike enkantolo yoMthethosisekelo. Kuyothi lapho selifikile enkantolo yoMthethosisekelo, mhlawumbe inqume ukuthi icala aliphindele enkantolo eNkulu ePitoli. Yingakho sikhethe ukungasiphikisiisicelo ngoba singakwazi ukubekezela lezi zinyanga ezine, vele sesikwazi ukubekezela iminyaka emibili.”
ISilo siyalelwe ukuba sifake amaphepha aso kungakapheli le nyanga.
Emva kwalokho zonke izinhlangothi ezithintekayo ziyobe seziqhubeka nokushintshana ngamaphepha kuze kube uSepthemba 8.
ISilo safaka isicelo sokuhlehliswa kwecala emva kokushintsha abameli.
Abameli abasha bacela ukunikezwa isikhathi sokuthi bazijwayeze icala.
UMntwana uMandlakapheli uthe lukushintshwa kwabameli kwakuyiqhinga lokubambezela icala.
“Awukwazi ukushintsha abameli ngomzuzu wokugcina. Uma beke baphinda bahluleka ukufaka amaphepha abo ngesikhathi sizobagingqela.”
Khonamanjalo namhlanje iNdlunkulu kaZulu izoba nomhlangano esiShayamthetho esidala, oNdini.
Lo mhlangano ubizwe undunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Isimemo somhlangano sikhishwe uMntwana uThulani Zulu.
Esimemweni, uMntwana uThulani uthe uButhelezi ufuna ukuzokhuluma ngesimo abhekene naso njengomuntu omdala eNdlunkulu nanjengondunankulu kaZulu.
Lo mhlangano uza emva komhlangano wamakhosi owawubizwe uButhelezi, lapho amakhosi azwakalisa ukungahambisani nokuqokwa kwebhodi elisha leNgonyama Trust.