OKHULUMELA imindeni yabasolwa ecaleni lokubulawakwalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uNksz Sinqobile Mbatha, ukuhlabe wakuhlikiza ukukhonjwa kukaMnuz Bongani Ntanzi nguMnuz Tumelo Madlala njengomunye wababili okuthiwa bahlasela ngelanga lesigameko.
UMadlala, owayengumngani kaMeyiwa nokunguye osebhokisini lofakazi, ukwenzelokhu izolo ngesikhathi eqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe.
Bese kuwusuku lwesithathu ethula ubufakazi phambi kwenkantolo.Kwenzeka lokhu nje, uNtanzi kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesibili.
UNtanzi nguyena yedwa umsolwa kulaba ongenawo amacala ake awenza ngaphambilini.
UNksz Mbatha uthe kucacele noma ubani ukuthi ukukhonjwa kukaNtanzi kungamanga.
“Kulaba abahlanu akekho owake waba nemiyeko emifishane ngoba nalo owayenawo, ayemade kakhulu, ayethinta eqolo,” kusho uNksz Mbatha.
Uphinde waveza ukuthi ngaleso sikhathi okwenzeka ngaso isigameko ngo-2014, uNtanzi wayesebenza emayini eCarletonville.
Uveze ukuthi wayengena ebusuku futhi ngalelo langa.
Uthe babubona bushayisana ubufakazi bukMadlala ngoba ebufakazini bakhe uthe kwakungakhanyi endlini ngakho bayazibuza ukuthi uma kwakungakhanyi, umbone kanjani lo muntu ukuthi uyena,” kubuza uNksz Mbatha.
Uthe okwesibili, uchazile enkantolo ukuthi umuntu ambonayo yilo omfishane, okhanyayo, onamehlo amakhulu, onempithi.
“Siwumndeni asijabule ngalokho (ukukhonjwa kukaNtanzi) kodwa-ke sinethemba lokuthi inkantolo izofinyelela esinqumeni esifanele, ngokusebenzisa obunye ubufakazi obuphambi kwayo, obenziwe nguye uTumelo ngoba kukhona lapho abuye aziphikise khona,” kusho uNksz Mbatha.
Ngesikhathi ekhonjwa uNtanzi, ukhombise ukumangala kodwa khona lapho uvele wahleka kancane waze wanikina ngisho ikhanda ehlezi ebhokisini labamangalelwa.