IZIHLOBO zikamufi ziklolodele umbulali, owangqongqisa ngopharafini kwafa unina wengane yakhe, emva kokugwetshwa kwakhe udilikajele neminyaka engu-18 ngaphezulu, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UKhumbulani Comfort Mngoma (34) ugwetshwe izolo, waklolodelwa yizihlobo zikamufi ebezibuza ukuthi; “Kugcine bani? Ngubani ujikelele manje?”
UMngoma wabhunyela ngopharafini wokhela ngomlilo uNksz Angela Mbalenhle Dlamini (35) e-Auckland, eMariannhill, ngoNovemba 2021.
UMngoma ubekade ethweswe amacala amane, okungamabili okushaya ngenhloso yokulimaza umufi nendodana yakhe, elokubulala okuhleliwe nelokusabisa umufi.
Ubabekazi kamufi, uNkk Princess Makhanya, uthe bewumndeni bayasijabulela isigwebo esinikwe uMngoma yiJaji uPhilip Nkosi.
UNkk Makhanya uthe inzima impilo njengoba ekhipha ephaketheni lakhe ukukhulisa izingane zikamufi nodadewabo.
“Le ndoda (uMngoma) beyihlezi isisabisa ithi iphethe ejele nangaphandle iwugeneral, kugcine bani-ke manje? Sesizophila impilo ekhululekile ngoba umbulali usehlala ejele,” kusho uNkk Makhanya.
UNksz Deborah Dlamini, udadewabo omncane kamufi, ufikelwe wumunyu enkantolo wakhala emuva kokugwetshwa kukaMngoma.
Uthe nakuba isigwebo singeke simbuyise udadewabo kodwa ugculisekile ngoba umbulali uzogugela ejele.
“Siphazamisekile emphefumulweni, sinobuhlungu emoyeni ngenxa yokwenzeka. Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi azophola amanxeba kodwa kuzothatha isikhathi eside,” kusho udadewabo kamufi.
Uthe bahlale bemkhumbula udadewabo kwazise wayewumuntu onamahlaya, enothando futhi enakekela.
Ukuchithile okwashiwo wuMngoma enkantolo ngesikhathi efakazi ethi umufi wayewumuntu onolaka futhi enesikhwele.
IJaji uNkosi likhipha isigwebo, lithe uMngoma uwumuntu ongeke esashintsha noma ahlumeleliseke isimilo.
UNkosi uqhube wathi lo mlisa unesihluku nodlame olusabekayo kusukela ebuncaneni bakhe ngakho isigwebo amnikeze sona kumele sithumele umyalezo nakwabanye abantu abebesacabanga ukuhlukumeza izingane nabantu besifazane.
“Wena uphuce izingane uthando nemfudumalo kamama. Ubugebengu yinto yakho futhi manje uya ngokudlondlobala kubona.
“Ubulale unina wengane yakho obekade ekuthwalele enye ingane esiswini. Ungumhlukumezi, bekufana nokuthi uhlala esihogweni umufi ehlala nawe,” kusho uNkosi.
Isitatimende esinikwe inkantolo, sengane kamufi eneminyaka engu-10 futhi eyabona unina engqongqiswa ngopharafini, iveza ukuthi kusaphila unina yayihlala ijabulile futhi ithanda ukudlala nezinye izingane.
Manje le ngane ithi ibhuqwabhuqwa wumuzwangedwa, ilimele emphefumulweni futhi iyamkhumbula.
Lo mndeni ubonge ukwesekwa wumphakathi waseAuckland, eMariannhill, kwaze kwasekugcineni, nezinhlaka zezomthetho ikakhulukazi umphenyi wecala uWarrant Officer Mvuselelo Cele wasesiteshini saseMariannhill nomshushisi u-Advocate Nadira Moosa.