BASHIYE abangalazi begxeka umengameli wezwe nongqongqoshe izolo abebethamele ingqungquthela emayelana nesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu ngokobulili, iPresidential Summit on Gender Based Violence and Femicide eGallagher Estate, eMidrand.
Phakathi kwabanye ongqongqoshe abebeyingxenye yengqungquthela bekunguMnuz Bheki Cele woMnyango wezamaPhoyisa, uMnuz Ronald Lamola wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula uSomlomo wePhalamende noNkk Maite Nkoana-Mashabane.
Ebhodla umlilo uNkk Sihle Sibisi, omele inhlangano iKwanele Foundtion, ebhekise kuCele uthe: “Ngqongqoshe, kade umi lapho, usho ukuthi abantu besifazane eNingizimu Afrika abaphephile kodwa wena unonogada. Ngeke uziqhathanise nathi. Ngqongqoshe, mina ngingumama okhulisa izingane zakhe ezimbili ngayedwana. Ngingumfelokazi ozizwa engaphephile ngoba ngingumsunguli wale nhlangano (Kwanele Foundation) ohlale ethola izinsongo nokwesatshiswa abantu abanamandla.”
Uthe kuhle bakuveze ukuthi basebenza ngamacala abantu abanamandla, okuthi ngokuhamba kwesikhathi bazithole bebulawelwa ukusebenza lawo macala ukuze bathuliswe, kugqitshwe nobufakazi.
UNkk Sibisi udlulele kuLamola wathi: “Ngifuna ungichazele ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi owokufika kuleli zwe abulale umuntu bese enikwa ibheyili kaR10 000 uma kuwukuthi nibukhathalele ubulungiswa nokuphepha kwethu?”
Ubhekise kuNkk Mapisa-Nqakula, “Wathi iPhalamende elabantu, manje awungichazele ukuthi amalungu ePhalamende asolwa ngamacala okuhlukumeza abantu besifazane, ama kanjani phambi kwethu, ethule izinkulumo ezibhekiswe esizweni?,” kubuza uNkk Sibisi.
Wenze isibonelo ngoNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, wathi icala lokuhlukumeza owesifazane ngokocansi abebhekene nalo eMpumalanga, kuphoqelekile ukuthi lihoxiswe enkantolo ngoba umgilwa ubengasafuni ukukhuluma ngenxa yokusongelwa.
URamaphosa uthe ulithandile ithuba elivulwe ngasekuqaleni kwengqungquthela lapho izinhlangano zinikwe ithuba lokuphonsa imibuzo ebibhekiswe kongqongqoshe nakuye uqobo.
“Singuhulumeni onakekelayo, sizimisele ngokuthi sizibhekelele zonke izikhalazo neziphakamiso enizenzile,” kusho uRamaphosa.
Uthe kuyakhathaza ukuthi nakuba zikhona izinhlelo zikahulumeni ngokubambisana nezinhlaka zomphakathi zokulwa nesihlava, kusaqhubeka ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
“Alikho elamahhala. Usuku nosuku, sifunda noma sibone kwabezindaba, kubikwa ngabesifazane nezingane ababulawe ngesihluku,” kusho uRamaphosa.
UMengameli wezwe ubale izigmeko ezinjengesikaTsegofatsu Pule, Hillary Gardee noBokgabo Poo, abalahlekelwa yizimpilo zabo. Wathi okubuhlungu ukuthi izigameko zidweba isithombe esingesihle ngeNingizimu Afrika, nangamadoda akuleli zwe.
Uthe akusibo abesifazane okufanele benze okuthile ukulwisana nesihlava kodwa abantu besilisa uqobo okufanele basukume benze okuthile.
“Bonke abesifazane abasukume bazwakalisa ilaka labo, benze okufanele. Kuyiqiniso ukuthi kufanele ngabe senza kangcono kakhulu kunalokhu esikwenzayo njengamanje ukulwa nalesi sihlava,” kusho uRamaphosa.
Wagcizelela ngokuthi kufanele abesifazane abakhathazwa yisihlava bamgxeke esidlangalaleni uhulumeni uma bebona ukuthi akenzi kahle.
“Mina nongqongqoshe kufanele nisibuze futhi kufanele sininikeze izimpendulo uma nibona ukuthi asenzi kahle,” kubeka uMengameli wezwe
Uthe ingqungquthela kufanele ibheke amaphuzu asebenzayo nangasebenzi bese yenza okuthile ukuze ilwe nesihlava kubhekwe phambili. Uthembise ukuthi bazosibeka eceleni isamba esithile semali esizobhekelela izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Lengqungquthela ingeyesibili, ilandela eyokuqala eyayingoNovemba 2018. Njengeyokuqala, neyakulo nyaka yenziwe yaba izinsuku ezimbili futhi isaqhubeka nanamhlanje.