BANXUSA abesilisa ukuthi bazinikeze isikhathi sokucija nokododisa abafana abancane abakhuliswa ngonina ngabodwana, abenhlangano iSivusisizwe B2m Africa initiative.
BANXUSA abesilisa ukuthi bazinikeze isikhathi sokucija nokododisa abafana abancane abakhuliswa ngonina ngabodwana, abenhlangano iSivusisizwe B2m Africa initiative.
Kudingeka ubambiswano emphakathini ukukhulisa ingane kanti iqiniso lale mfundiso ligqame obala enhlanganweni engenzi inzuzo, iSivusisizwe B2M Africa Initiative.
Le nhlangano ilekelela omama abakhulisa abantwana babafana, ngabodwana.
UNksz Dudu Thabede, omunye wabasunguli uchazile ukuthi inhloso yenhlangano ukukhuthaza ubambiswano nokulekelelana komphakathi ekwakheni nasekukhulisweni kwabantwana babafana.
Uthi basebenza ngabafana asebaqala ukuthomba kanti belekelelwa ngabasizi abangabaholi nabagqugquzeli balaba bantwana. Uqhube wathi banezinhlelo ezahlukene zokubayala, ukubabonisa uthando, nokubakhuthaza ukuthi babambisane futhi babenozwelo.
“Sibone kubalulekile ukubuyela emphakathini waseMlaza, lapho sisebenzisana nezikole ukuxhumana nalaba bantwana. Sinabasizi besilisa abakhethekile abahamba phambili ekusebenzeni eduze nalaba bantwana. Sidinga ukwakha isizwe samadoda aqotho, ukubonisa izingane zabafana ukuthi akhona amadoda anakekelayo, abathandayo nafisa ukubabona bephumelela empilweni,” kusho uNksz Thabede.
Namuhla, inhlangano iqeda unyaka yasungulwa futhi isebenza.
Ngokusho kukaNksz Thabede, babone kukuhle ukuvala inyanga yabesifazane ngokuhlanganisa abantu nabalekeleli benhlangano okungabantu besilisa ukuvula inkundla yokucobelelana ngolwazi, ngezinto ezingasiza umsebenzi wabo uqhubekele phambili.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nanguSolwazi Otty Nxumalo, onikezwe inkundla yokuhalalisela inhlangano ngomsebenzi omuhle, wanxusa abantu besilisa ukuba bangaqheli ezinganeni.
Weluleke kanje uSolwazi: “Izingane ziyawathanda amakhehla, kuke kwenzeke ungumuntu wesilisa osekhulile uvele uthandwe yizingane, ikakhulu ezabafana, ngisho ungayizali kodwa isondele kuwe ngoba ibukela kuwena. Abantu besilisa bangothisha, bangodokotela, bangabelusi, bangabaqaphi bendlela.
“Zinike isikhathi sokumdodisa umntwana womfana ngokumnika isikhathi sakho, noma ezama ukukhuluma nawe mulalele ungajahi ukumqedela inkulumo ngaso sonke isikhathi, futhi noma ebhedile, muqondise ngendlela.”
Zonke izikhulumi zivumelane ngezwi elilodwa lokuthi indlela okungaliwa ngayo nesihlava sodlame olukhona emphakathini, wukuzinika isikhathi esanele sokucija abantwana babafana, bangaziboni benganakiwe.
UDkt Zandile Makhaye, omunye wabeluleki abasiza omama abangabodwana kule nhlangano ugcizelele ukuthi mkhulu umsebenzi okudingeka wenziwe ukulekelela abantu besifazane.
“Kulo msebenzi, ngifundile ukubaluleka kokwelapha omama abakhulisa izingane ngabodwana, ngaphambi kokuba singene emsebenzini wokubacathulisa ngamasu okukhulisa izingane zabo.
“Akekho umuntu ohlela ukuba ngumama ngayedwa kodwa izimo zempilo esihlangabezana nazo zikushiya usubhekene nomsebenzi wokukhulisa ingane uwedwa ubaba wayo engekho eduze. Omama abaningi babhekana nengcindezi yokubona kungumthwalo omkhulu abangazi bazomelana nawo kanjani ngoba abaningi abanabo nabantu abangakhuluma nabo ngezimo ababhekana nazo.”
UNksz Thabede, uthi bakhethe inyanga yomama ukumema obaba nabaholi ukuba kuhlanganwe kucathuliswane ngamasu amahle okuthi zisizakala kanjani izingane babafana ezingenabo obaba eduze kwabo ekukhuleni kwabo ukuzi bakhule babe ngamadoda aqotho.
Uqhube wathi inhlangano yabo isebenza ngabafana abaseMlaza ngokubambisana nezikole zakule leli lokishi futhi basebenza nabantu besilisa abazozihola lezi zingane bazifundise izinto omama abangakwazi ukubafundisa ngokwabo
Lugoqwa uhlelo, uNksz Thabede ugcizelele ukuthi umsebenzi wabo omkhulu wukweseka omama babafana ngendlela yokuthi bakwazi ukubeseka nokubanika amasu okuphila ngendlela kanti umsebenzi wabo ugcile kakhulu ekulekeleleni imiphakathi entulayo ngaphansi kwesifunda seTheku.