BADIDEKILE abantu ezinkundleni zokuxhumana ngezenzo zikaDkt Mpho Phalatse obonakala ekhalela isikhundla asanda kukhishwa kusona.
UPhalatse ufunge wagomela wathi uzolwa kuze kube sekugcineni nalabo abasola ngokuthi bamkhiphe ngokungemthetho esikhundleni sobumeya eGoli njengoba kugcine kufakwa uMnuz Dada Morero we-ANC.
Udaba lokukhishwa kwakhe luseNkantolo eNkulu egoli njengoba ephonsela inselelo lesi sinqumo ngoba ethi umhlangano owawubanjiwe wawungekho emthethweni.
Udkt Phalatse utshele abezindaba ukuthi ngeke bathule basonge izandla i-ANC nabangani bayo besebenzisa inkohlakalo ukuzuza ukuba semandleni.
“Abantu baseGoli bayikhipha ngevoti i-ANC, bakhetha ubuholi obungcono, okuwubuholi be-DA ngakho ke i-DA izolwa kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi izifiso zabantu ziyagcinwa,” kusho uDkt Phalatse.
Le nkulumo ayehlanga kahle kwi-ANC kuleli dolobha, ekhuluma nabe -eNCA uChris Vondo okhulumela i-ANC kuleli dolobha uthe banikeza udokotela amahora angu-48 ukuze ahoxise inkulumo yakhe yokusola imeya entsha ngenkohlakalo.
UPhalatse unikele ezinkundleni zokuxumana ephendula le nkulumo ngokuthi akawadingi wonke la mahora ngoba I-ANC ikhohlakele.
Kuthe kusenjalo, wafaka isitatimende, enkundleni iTwitter ethi uMorero kufanele achaze ngokuthi avalelweni amanzi eGoli.
Lesi sitatimende sithi iDA yaseGoli izwile ukuthi ikhansela uDada Morero uzohambela amadamu amanzi ahlole nalapho okuphehlwa khona amanzi kulo lonke idolobha kodwa lokho ngeke kuze kuyilungise inkinga esibhekene nayo.
“Ikhansela uMorero bekumele ayisukumele inkinga kusukela ngesikhathi ezwa ngayo, bekumele ngabe uphumile wazama imizamo, kungahlalwa izinsuku kuze kulungiswe kwezinye izindawo,” kusho isitatimende.
Abantu bazwakalise ukudideka ngalesi sitatimende sakhe nokuthi yena esasehhovisi njengemeya akenzanga lutho ngale nkinga.
@galbertyn: Mama owayeyimeya, ukube awukhishwanga ngesonto eledlule, ngabe yihhovisi lakho elibhekene nale nkinga, ukusola imeya entsha akunabo ubulungiswa. Futhi siyakholwa wukuthi ukulandwa kwemfucuza kumele kwenzeke noma ngabe kukhona bani esihlalweni 🙄🙄
@ThePatriotOfZAR: Sengiqala ukuyibona into eyayishiwo abantu ukuthi iDA ayinazo izinhloso zokuhola kodwa ifuna isikhundla kuphela. Usanesonto kuphela uhulumeni omusha kodwa indaba yamanzi uyenza inkinga yabo, bekumele nibhekane nale nkinga usasesihlalweni.
@democracyZA: Zolo lokhu uzibize ngemeya, manje ufuna izimpendulo kwimeya? Thina sifuna amanzi.
@AdvoBarryRoux: UDkt Phalatse udinga ukwelulekwa ngengqondo. Amalambu aluhlaza namandla kwenza abantu bajwayele. Lo dokotela usephithene ikhanda, kumele azisindise, angiziboni ngingahambela indawo yakhe njengoba ewudokotela, uyingozi kuyena uqobo.