BABAMBE umoya ukuthi itholakale isaphila ingane yomfana eneminyaka emibili elahleke ngoMsombuluko odlule kade ivakashele kubo kayise eZimpisini, eNkandla.
ULuzelwande Shange (2) wasesigodini saKwaNomahlosi khona eNkandla, kuthiwa ulahleke eZimpisini kade ehambe nomzala wakhe (13) beyobheka izinkomo ebezingabuyanga ngayizolo (ngeSonto) emaqeleni.
Ngokusho kukamkhulu wakhe uMnuz Sfiso Shange, umzala ubatshele ukuthi ngesikhathi beya ezinkomeni kukhona umuntu obebalandela.
“Uthi lona wesilisa ubebalandela kodwa ethe ukuqhela kancane kubona. Uma emchaza uthi ubegqoke ijazi elide, wabuye wafaka nesifonyo esisuka entanyeni esisapholonekha,” kusho uShange.
Uthe umzala kaLuzelwande ubatshele nokuthi bekuthi uma bema, bephumula ngoba ecabangela ukuthi uLuzelwande usekhathele ngoba mncane, nalona wesilisa naye ame, aziciphazise iselula.
“Uthi bebethi uma sebeqhubeka nendlela, nalona wesilisa naye enze okufanayo, ebalandela,” kuchaza uShange.
Ubuye wathi umzala kaLuzelwande uthe akabange esanaka ukuthi lona wesilisa uphelelaphi.
Uthe bathe uma bembuza ukuthi unyamalale kanjani uLuzelwande, ubebatshela ukuthi bathe uma befika egqumeni wazibona izinkomo zakubo ziphakathi ehlathini, buqamama, ngale kwegquma.
“Uma esho uthi uyalele uLuzelwande ukuthi akasale ngemumva amlinde ngesikhathi yena esayolanda izinkomo ehlathini. Uthi uthe uma ebuya wathola ukuthi uLuzelwande akasabonwa,” kulandisa uShange.
Uthi kwala noma esembheka emmemeza, lutho ukusabela noma ukumthola.
Uveza ukuthi ugijime waya ekhaya eyobika kugogo wakhe ukuthi uLuzelwande uselahlekile, kwaphuma umndeni nomakhelwane bayombheka kodwa nabo babuya belambatha.
Uthe babikele amaphoyisa aseKhombe ntambama ngokulahlekwa kwakhe.
Uqhube wathi ngakusasa baphinde baphuma bayombheka, sekuhlangene izigodi ezehlukene nawo amaphoyisa.
Uveza nokuthi ngoLwesithathu amaphoyisa athumele ithimba elibheka umkhondo ngezinja kodwa nakhona kwaba nhlangazimuka nomoya.
“Sikhulekela ukuthi atholakale esaphila umzukulu. Sididekile ukuthi sizothi kwenzekeni ngoba le ndawo aduke kuyo ikude nomgwaqo ohamba izimoto.
“Sesethuswa nayilokhu kwendoda yejazi ebibalandela. Okubi wukuthi umzala wakhe akakwazanga nokubona ukuthi ingubani ngoba yayiqhelile kubona,” kubalisa uShange.
Abazali bakaLuzelwande uthe bathikamezekile nabo ngesehlo. Uthe uyise ufundela umsebenzi eGoli kanti nonina ufundela umsebenzi eThekwini. Uthe bobabili babuyile emakhaya emva kwesehlo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi ingane elahlekile isafunwa amaphoyisa.
"Sinxusa nanoma ubani ongaba nolwazi ukuthi athinte amaphoyisa aseduze noma athinte amaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111."