ZIYAQHUBEKA izingxoxo kwi-IFP ngokufanele angene esikhundleni sobumeya kuMasipala AbaQulusi.
Sekucishe kuphele izinyanga ezintathu lo mkhandlu ungenayo imeya kulandela ukuxoshwa kukaMnuz Ntokozo Maphisa emva kokusabalala kwenkulumo yakhe eqoshiwe lapho ezwakala eqoshamisa ulimi emhlanganweni nabasebenzi bakamasipala.
Njengamanje isikhundla sobumeya sibanjwe, uMnuz Mandla Mazibuko, oyiphini lemeya.
Lokhu kungabi khona kwemeya isikhathi eside sekuholele ekutheni amaqembu aphikisayo afake izikhalazo njengoba ekholelwa wukuthi ukungabi khona kwemeya kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
Isolezwe lithole ukuthi loludaba lubhungiwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-IFP obungoMsombuluko, kodwa kwagcina kungavunyelwene.
Umthombo osondelene nodaba uveze ukuthi emhlanganweni kuphakanyiswe amagama amabili.
Kukhona abaphakamise igama lesishoshovu senyunyana yabasebenzi bakwamasipala, uMnuz Khehla Mkhwanazi, amanye aphakamisa ukuthi kubuyiselwe uMaphisa.
Lo mthombo uthe okwenza kungabi lula ukuthi kufakwe uMkhwanazi ukuthi kuzofanele i-IFP ixoshe elinye lamakhansela ayo kwisigungu esiphezulu kumasipala ukuze izokwazi ukumfaka.
Lokhu kwaholela ekutheni kugcine kukhona abaphakamisa ukuthi kubuyiselwe yena uMaphisa.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe bebengakamhlonzi ozongena kulesi sikhundla.
“Iqembu lisebhizi nezinhlelo zalo. I-POC ( Political Oversight Committee, okuyikomiti elelusa abajutshwe ezikhundleni) kusafanele lethule umbiko emhlanganweni wesigungu esiphezulu. Labo abathi kukhona amagama okukhulunywa ngawo, badukisa abantu,” kusho uHlengwa
Abe-NFP neDA bazwakalise ukukhathazeka ngokungavalwa ngokushesha kwesikhundla semeya.
USotswebhu weNFP kwisifunda iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe ukungabikhona kwemeya kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
Uthe bafuna kubizwe ngokushesha umhlangano womkhandlu okuzokhethwa kuwo imeya.
UNtombela uthe banokwesabela ukuthi uma i-IFP igcina ingavumelani, umasipala ungagcina uhlale iminyaka ungenayo imeya njengoba kwenzeka ngehlandla eledlule lohulumeni basekhaya.
“Nango-2018 behlisa esikhundleni uMnuz Jerry Sibiya, kwabamba uMaphisa kwaze kwaba u-2021,” kuqhuba uNtombela.
Ikhansela leDA, uMnuz Swelakhe Shelembe uthe bafuna ukuthi imeya ikhethwe ngokushesha.
“Nathi sikhathazekile njengawo wonke umuntu. Ukungabi khona kobuholi obuqondile kuholela ekutheni kwenzeke izinto ezingalungile. Ukuqokwa kwemeya kuzobuyisa uzinzo kumasipala,” kuphetha uShelembe.