BAZOBINGELELA iNkantolo yeMantshi ePalm Ridge, abasolwa abathathu ababoshwe ngezinsolo zokubulala amalungu amabili eqembu lepolitiki uMkhonto Wesizwe.
Kuthiwa amalungu amabili eMK, abulawa ngeSonto ebusuku eThwala Section, eKatlehong North, ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwawo namalungu e-ANC.
“Abagilwa badutshulwe kunengxebano yezepolitiki, umgilwa oyedwa ushonele endaweni yesigameko kwathi owesibili washonela esibhedlela,” kusho uBrigadier Brenda Muridili, okhulumela amaphoyisa aseGauteng.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko athola isibhamu nommese. Umsolwa wokuqala ubanjwe endaweni yesigameko.
NgoMsombuluko, ithimba eliphenya amacala abucayi odlame esifundazweni libophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-33 no-40 ubudala. Abasolwa babekwe amacala amabili okubulala kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi ePalm Ridge.