ABASEBENZI abayitoho elaziwa ngePublic Employment Programme (PEP) kumasipala weTheku, batshele uMongameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuthi ngeke bavote uma bengabuyiselwa etohweni labo.
Laba basebenzi bebeyingxenye yomphakathi obuzobungaza ukuvulwa kwesibhedlela iDr Pixley KaIsaka Seme Memorial, esiKwaMashu, ebesivulwa ngumongameli ngokusemthethweni, izolo. Bebelokhu bevungama uma kukhuluma abaholi, bathule, babuye baqale phansi. Ngesikhathi sekukhuluma uMongameli uRamaphosa basukumile baphakamisa izinqwembe ezibhalwe ukuthi uma ungekho umsebenzi ngeke bavote.
Lokhu kukhalaza baqale ukukukhombisa ngesikhathi iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikhuluma yamukela izivakashi, basukume nezinqwembe ezithi ‘Phansi ngoKaunda’, besho nangemilomo abanye bebhekise izithupha phansi.
UKaunda ubechaza ukuthi iningi labantu abebephethe izingqwembe ngabantu abasha abanikezwa umasipala itoho elibizwa ngePEP oluphelelwe yimali, abebesebenza kulo basala dengwane.
“Laba abakhonondayo mongameli ngabantu abasha abebeqashwe yiPEP, ephelelwe imali abanye abasasebenzi,” usho kanje uKaunda.
Omunye walaba basebenzi okhulume nephephandaba, uthe bakholwa ukuthi kunabathile abadle imali yohlelo ngokuthi kuqashwe izipoki eziholayo bona bangaholi.
“Amakhansela ethu ayehluleka ukusitshela into eqondile ngokuthi kwenzekani. Kumanje bakhona abasebenzi abaholile abanye abaholanga. Abanye kuthiwa bamisiwe kodwa baholile abanye, basebenzile kodwa abaholanga. Kubuhlungu esikwenziwa umasipala ngoba izinkontileka esazisayina zazibhalwe ukuthi itoho liphela ngonyaka ozayo. Njengoba sibheke kuKhisimusi nje asazi sizodlani. Sesikhathele ukudlala abaholi bengasitsheli into eqondile. Sifuna umongameli azi ukuthi abaholi badlala ngabantu abahluphekayo,” kusho omunye wabasebenzi
Abaholi abehlukene bebelokhu beya esixukwini ebesinomsindo bezama ukusithulisa.
Ephendula umongameli uthe imisebenzi esungulwe ngaphansi kwehhovisi lakhe ohlelweni iPresidential Stimulus, esivule amathuba omsebenzi angaphezulu kwesigidi.
“Lolu hlelo oluqhubekayo luqashe abantu abaningi, uma lungakafiki eThekwini, ngiyethemba luzofika kube khona abathola umsebenzi. Ngiyazi ukuthi ngesikhathi kwakhiwa isibhedlela kukhona abathole amatoho,” kusho uMongameli.
URamaphosa uthe ukwakhiwa kwesibhedlela kudle uR2.7 billion.