Iqembu lezepolitiki elisanda kusungulwa i-Gap Fixers of South Africa, lithi kusekukhulu ukuphathwa ngendlela engalingani kwabamhlophe nabansundu, elithi kwenziwa uhulumeni wakuleli.
Lokhu kuvezwe wuSihlalo waleli qembu ongomunye wabasunguli balo, uMnuz S’bu Mpisane, ngesikhathi libambe isithangami nabezindaba ehhotela i-Hilton Garden Inn, eMhlanga, ngoMgqibelo.
Nakuba uMpisane evumile ukuthi kukhulu uhulumeni wakuleli asekwenzele umphakathi selokhu izwe langena ekubusweni ngentando yeningi, kodwa zikhona izikhala ezingakagcwaliswa.
“Ziningi izinto ezisasilele emuva. Ngesikhathi kuqhubeka i- Codesa (Convention for a Democratic South Africa), abaholi bethu bavumela umthetho owagcizelela ukukhohlwa okwenzeka, kuqalwe ikhasi elisha obizwa nge- Sunset Clause, okuyinto eyashiya inqwaba yabantu abansundu besabhekene nokuhlupheka. Uhulumeni wethu usabambelele emandleni ezombusazwe ngesikhathi iningi labamhlophe libambelele emnothweni kuze kube yimanje,” kusho uMpisane.
Ubehambisana nobuholi baleli qembu obekhona kubo uMengameli walo, uMnuz Themba Buthelezi.
UButhelezi ugcizelele ukuthi balinganiselwa ku-52 million abantu abansundu kuleli kodwa umnotho usasezandleni zabamhlophe isibalo sabo esingu-4 million kuleli.
“Sifana nomhlambi wezinkomo oweluswa umalusi oyedwa. Uma ukhuluma ngalo mthetho odlulisa okwenziwa abelungu ngesikhathi sobandlululo, abaholi bethu abafuni nokuyizwa. Bakubuza ukuthi kungani ubuza ngawo, ekubeni uvuna abamhlophe,” usho kanje.
Leli qembu elisungulwe nyakenye, lithi phakathi kokunye okuwumgomo walo, ukuthi imfundo kumele ibemahhala kusuka ingane iqala ukungena esikoleni kuze kube semazingeni aphakeme ezemfundo. Likholelwa ekutheni isikhathi esiningi, uma izingane zabantu abansundu ziqeda imfundo yamazinga aphakeme, zifunwa amava kulowo mkhakha ekubeni ezabelungu ziphathwa ngendlela ehlukile. Leli qembu lizimisele ukuvala lezo zikhala njengoba lingelinye lamaqembu angenele ukhetho lwalo nyaka.