SEZIPHENDUKE imihhume yokushushumbisa izidakamizwa, kudlwengulwe futhi kulinyazwe abafundi, kuphangwe nothisha izikole zaseClermont, eThekwini.
Lokhu kubikelwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele embizweni yomphakathi ehholo lendawo.
Abantu bathe ubugebengu bumi ngenhla eClermont naKwaDabeka. Bathi ngempelasonto bangcwaba abantu ababalelwa eshumini. Kuthiwa kugqekezwa namasonto, amaphara eba izinsimbi ayozidayisa e-scrapyard.
Umphakathi ukhale nangamaphoyisa asesiteshini samaphoyisa KwaDabeka, amanye awo abawasole ngokudla ngakhezo lunye nezigebengu nabadayisi bezidakamizwa, okuthiwa bayazichanasela.
UNksz Khanyisile Ntuli, onguthisha, uthe izikole zasendaweni seziphenduke izizinda zobugebengu, kaziphephile. Uthe bayabikelwa uma kumele baye emsebenzini ngoba kabazi noma bazobuya bephila yini.
USihlalo wesigungu esilawula izikole eClermont, uMnuz Mfaniseni Ngcobo, uthe bayadutshulwa futhi badlwengulwe abafundi.
Lokhu kufakazelwe nawuMnuz Sizwe Goge ongusihlalo wekomiti elibambisene namaphoyisa ukulwa nobugebengu, iCommunity Poilicing Forum ocele ungqongqoshe ukuba ababonelele ngezinsizakusebenza.
UNkk Nelly Nyaniso oyikhansela, uthe bubaxakile ubugebengu, izibhamu zithe chithi saka futhi izidakamizwa zidayiswa isidana.
Uthe esiteshini samaphoyisa kungathi kuhlala izingulube, ingqalasizinda yaso iyawohloka, amaphoyisa ayashoda nangezimoto.
Ukhale ngamalungu omphakathi namaphoyisa, okuthi uma kunemihlangano yomphakathi noma behambisa ulwazi emaphoyiseni, bathathe okusuke kuxoxwa ngakho bayokubikela izigebengu.
UMnuz Cyril Xulu oyilungu lePhalamende futhi oyilungu lomphakathi, ufanise isiteshi samaphoyisa sendawo nomgodi wegundane, wathi uyasaba ukungena kusona.
UCele uthembise abantu ukuthi uzofika lingakapheli leli sonto uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola ayohlola isiteshi samaphoyisa KwaDabeka.
Phezu kwalokho uthe kunamaphoyisa angu10 000 aqeqeshwayo, azophuma emakolishi acijwa khona ngoDisemba, ayolwa nobugebengu emiphakathini.Kulesi sibalo, iKwaZulu-Natal izokwabelwa angu-1000. Uthe kuphezulu ukubulawa kwamaphoyisa eKZN naseGauteng.
Uhlabe umphakathi ocekela phansi ingqalasizinda uma ubhikisha. Wenze isibonelo wathi abanye bashisa itiyela uma bebhikisha.
Ubalule ukuthi imithetho yezwe yenze kwaba nesimo lapho izigebengu zinamalungelo okudlula abagilwa.
"Isigebengu (ejele) sigeza ngamanzi ashisayo, sidla kathathu ngelanga, siyafunda sibe nePhD futhi sifuna ukuya esibhedlela esizimele kunesasejele," kusho UCele.
Uthe bazoqhamuka nezinhlelo zokwandiswa kwezimoto namaphoyisa. Uveze ukuthi ziyanqandeka izenzo zobugebengu, uma amaphoyisa emaningi eyaluza emgwaqweni.
"Imindeni, imiphakathi namahlelo ehlukene kule ndawo mawabambe iqhaza ekulweni nobugebengu," kusho uCele.