KUKHALWA ngothisha okuthiwa ukhokhisa abafundi bakaGrade 4 no-5 uR50 umfundi ngamunye ukuze ezobafundisa isiNgisi ngempelasonto nangamaholidi.
Uthisha wesikole iSizani Combined, eMhlali, kuthiwa uthatha le mali enguR50 (okhokhwa njalo ngenyanga) afake ngayo uphethroli wokuza esikoleni njengoba kusuke kungelona usuku lokusebenza.
Isolezwe lithole ukuthi lo thisha wakhala ngokuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka afundise abafundi ngempelasonto, kube sekufikwa esivumelwaneni salo R50.
Kuthiwa abanye bakhala ngale mali njengoba kungakhokhwa kulesi sikole.
Lo thisha kuthiwa
wathi uyazi ukuthi akuvumelekile ukuba uthisha athathe imali kubafundi ngakho abayikhokhe egaraji yena uzofika esethela khona uphethroli wakhe.
Bathi uma ingane ingakhokhile ayifundi kuleli kilasi elengeziwe.
Kunencwadi ebhalwe igama lalo thisha okuthiwa uyithumelele abazali ngaphandle kokwazisa ubuholi besikole ukuthi abazali kumele bakhokhe le mali egaraji elisendaweni. Kuthiwa ilapho efike athele khona uphethroli ngayo le mali.
Umzali ongathandanga ukudalulwa uthe le mali ibathwalise kanzima.
“Esikoleni akukhokhwa, manje kulolu daba lokufundisa izingane ngoMgqibelo kumele sikhokhe ukuze uthisha ezoba nemali kaphethroli wokuza esikoleni ezobafundisa. Abanye abazali abanayo le mali ngakho siba senkingeni,” kusho lo mzali ocele ukungadalulwa ngoba engafuni kucwaswe ingane yakhe.
Omunye umzali othintwe Isolezwe naye wacela ukuba igama ligodlwe, uthe bayasibona isidingo sokuba lo thisha afundise izingane zabo.
“Okwenzekayo ukuthi izingane zethu ziqala ukufunda isiNgisi kaGrade 4 no-5 ngakho zithwala kanzima. Uthisha ubekade ezizela yonke le eminye iminyaka ngoba wathi kukhona umlungu obemnikelela imali yokuza esikoleni.
“Kusukela kulo nyaka ubengasameseki, kube sekuphakanyiswa ukuba sikhokhe le mali kaphethroli kathisha egaraji. Akuyona imali yokuthutha izingane zethu kodwa eyokuthi afake uphethroli ngoba uhlala kude futhi kusuke kungelona usuku lokusebenza. Thina abanye abazali siyasibona isidingo sokuba afundise izingane zethu,” kusho lo mzali.
Omunye wabazali uthe uma bengenayo le mali, izingane zabo zisalela ngemuva.
Kuthintwa lo thisha uNksz Rose Khuzwayo, utshele Isolezwe ukuthi akakhokhelwa uR50 kodwa le mali kusuke kungeyokuthutha abafundi.
“Kusuke kungakhokhelwa uthisha ngale mali kodwa eyokuthutha abafundi ukuba beze esikoleni ngoba kusuke kunguMgqibelo. Le mali bayiyisa egaraji okuyilona elibathuthayo besuka ezindaweni ezahlukene,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uma ebuzwa ngokuthi lona obathuthayo ungubani nokuthi izinombolo zakhe zithini, uthe akazazi.
Umzali uthe izingane zabo ziyazifikela esikoleni, ezikho ezokuthutha ezihleliwe.
Kuthintwa usihlalo wesigungu sesikole uMnuz Blose, igama lakhe elingatholakalanga, uthe abazi lutho ngalo R50 okuthiwa ukhokhwa abazali.
“Uma kukhona into ekhona esikoleni uthishanhloko uyangazisa, angazi ngempela ngalokhu kufunda okuthiwa kukhokhelwa uR50,” kusho uBlose.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe usazokhuluma nabaholi abaphethe lesi sikole bese ebuyela kwiSolezwe ngalolu daba.