Kukhale izembe ebuholini be-ANC Youth League (ANCYL) ezifundazweni nasezifundeni obusolwa ngokwehluleka ukuhlela izingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Ikomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANCYL lihlakaze ubuholi bezifundazwe nobezifunda, kwase kuqokwa ubuholi besikhashana.
Ubuholi obuhlakaziwe bebuvele bungobesikhashana, babukade buqokelwe ukuba buhlele izingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Nokho izifundazwe nezifunda eziningi zihlulekile ukuhlela izingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Umhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANCYL ubungesonto eledlule, unqume ukuthi zihlakazwe izinhlaka zesikhashana.
Uhlu olukhishwe i-ANCYL luveza ukuthi iningi labaholi abebephethe phambilini abazange balibone elidlalayo ngesikhathi kuqokwa ubuholi obusha.
Phezu kwezinguquko eziningi ezenziwe, obengumdidiyeli we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Mqondisi Duma, usindile ezembeni.
UNksz Lulame Mabude, uqokelwe kwesomgqugquzeli we-ANCYL esifundazweni.
I-ANCYL KwaZulu-Natal isidonse ngobuholi besikhashana kusukela ngo-2021 emva kokuhlakazwa kobuholi bangaleso sikhathi obabuholwa uMnuz Kwazi Mshengu, owayengusihlalo, noMnuz Thanduxolo Sabelo, owayengunobhala.
Amathimba e-ANCYL abehola esifundazweni phambilini ehluleka encama ukuhlela izingqungquthela, ezinye izingqungquthela zabhuntsha ngemizuzu yokugcina.
Unobhala jikelele we-ANCYL , uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, utshele ubuholi obusha ukuthi buhlalelwe umsebenzi wokuhlela ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Esitatimendeni, uNgudle uthe zonke izingqungquthela zokukhetha ubuholi kufanele zibanjwe ngaphambi kokuphela kukaFebhuwari.
“Nibhekene nomsebenzi wokulungiselela imihlangano yamagatsha lapho kuzophakanyiswa khona amagama abantu abazongenela imibango yezikhundla ezingqungqutheleni enizozihlela. Kufanele nenze isiqiniseko sokuthi yonke imigomo iyalandelwa, niphinde nenze isiqiniseko sokuthi kuphendulwa zonke izikhalo ezingase ziqhamuke ngesikhathi kuqhubeka amalungiselelo okuhlela izingqungquthela.”
UNgudle uxwayise abaqokiwe ngokuthi bazokhishwa uma benza okuphambana nomthetho.
“Labo okuzotholakala ukuthi baphambana nalo mbhidlango wokwakha kabusha izinhlaka ze-ANCYL, bazokhishwa. Ikomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke linikeze ihhovisi likanobhala jikelele amandla okukhipha abaphambana nomthetho ngaphandle kokuthi kuze kuthiwe abavele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.”
Esifundeni iTheku, umdidiyeli kuzoba uNksz Zama Mncube, umgqugquzeli kube uMnuz Ntokozo Ngcobo.
Esifundeni iMoses Mabhida umdidiyeli kuzoba uMnuz Mthokozisi Ngidi, umgqugquzeli kube uMnuz Lungisani Mthalane.