LUYINDABA egudwini kumalungu omphakathi eSakabuthu, eBulwer udaba lomfundi wentombazane waseNdabakazibuzwa High School okuthiwa ulwe nomunye kwagcina kuphuma isidumbu.
Ngokuthola kweSolezwe, umufi uSnqobile Ngubane (16) obefunda uGrade 10 kulesi sikole uhilizisane nomunye umfundi afunda naye ekilasini bagcina sebebambana ngesidlozana.
Isigameko kuthiwa senzeke ngoLwesihlanu phambi kwabanye abafundi nothisha.
Kuthiwa ngesikhathi belwa umufi bamngqubuze kaningana kabuhlungu etsheni ngekhanda wopha kakhulu, waphuthunyiswa esibhedlela kwafike kwamenela.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Ngubane (ongathandanga negama lakhe) usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe bayakweshwama okwenzekile kulesi sikole. "Kuyaqala nje ngqa ukuthi kube nesigameko esifuze lesi emlandweni walesi sikole. Namanje sisathukile siyazibuza ukuthi ngempela kwenzekeni,'' usho kanje.
Ugcizelele ukuthi abatholanga ukuthi ubuyini umnyombo wempi yabafundi ababili. Uthe bakhathazekile kakhulu ngokuthi kugcine kuphuma isidumbu egameni lokuthi kube nempi emagcekeni esikole.
Omunye umzali ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi uma bebabuza abanye abafundi ukuthi bekubangwani bathi kabazi.
"Sifuna ukuthola ukuthi abafundi bebebangani kodwa sihlulekile,'' usho kanje.
Isolezwe lithole ukuthi abomndeni kamsolwa bahambile bayocela uxolo emndenini kamufi.
Umthombo uveza ukuthi kube khona ukuxoxisana phakathi kwezinhlangothi zombili kwavunyelwana ngokuthi le bekuyimpi yezingane akumele igcine seyidala udungunyane phakathi kwale mindeni.
"Imindeni yomibili igcine ivumelana ngokuthi asikho isidingo sengxabano ngenxa yalesi simo,’’ usho kanje.
Isolezwe lithole nokuthi lesi sigameko simhlukumezile kakhulu unina kamufi, kangangoba kuvela ukuthi akekho esimweni esikahle ngokomqondo.
Isolezwe lizamile ukuxhumana naye kodwa belungangeni ucingo lwakhe. Umfundi osolwa ngokulimaza kabi omunye kuthiwa ukubo akazange alubhade esikoleni izolo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe siyabethusa lesi sehlakalo.
Ukhale kakhulu ngesihluku esesikhonjiswa ngabafundi kwabanye muva nje.
Uthe sekuqala ukuba yinsakavukela manje ukuthi abafundi babulalane emagcekeni esikole.
Uveze ukuthi ngalo isonto eledlule kube khona umfundi wasesikoleni saKwaNongoma ogwaze wabulala omunye emagcekeni esikole.
"UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uyazwelana kakhulu namalungu omndeni kamufi. Kuyacaca ukuthi inkulu inkinga ekhona ezikoleni zethu,’’ usho kanje.
Umufi kuthiwa uzongcwatshwa kule mpelasonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseBulwer aphenya icala lokufa komfundi wentombazane oneminyaka engu-16.
"Umfundi kuvela ukuthi ushone ngemuva kokuba elimale kabi ekhanda kade exabane nozakwabo esikoleni. Isidumbu sizohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi yini ngempela imbangela yokufa,'' usho kanje.